Kulahleke eminye imiphefumulo ngezikhukhula zaseKZN

Celani Sikhakhane

Kutholakale izidumbu ezimbili zabasebenzi bakaMasipala weTheku abamuke nezikhukhula zakamuva.

Abasebenzi bakaMasipala uCele noMbatha batholakale eMdloti emuva kokuthi imoto abebehamba ngayo igugulwe izikhukhula eNdwedwe ngesonto edlule.

Laba bobabili bebephuma emngcwabeni ngesikhathi iveni yabo emhlophe igugulwa amanzi anamandla ebhulohweni ebelingakaqedwa ukwakhiwa.

IMeya yeTheku uMxolisi Kaunda uthe kubuhlungu ukulahlekelwa ngabasebenzi ngale ndlela.

Izidumbu zabo zitholakale emfuleni uMdloti okude neNdwedwe.

Umphakathi nethimba labathungathi bachithe isonto lonke bethungatha laba bobabili.

Lezi zikhukhula zakamuva kuthiwa zibulale abantu abathathu eThekwini.

ENdwedwe kushone ababili kwathi e-Adams Mission kwashona umfana oneminyaka eyisithupha.

Ilungu lomphakathi uMduduzi Maluleka utshele i-Scrolla.Africa ukuthi basathungatha ingane kodwa abakayitholi.

“Umfana ubehamba nomalume wakhe nezinye izingane ezimbili ngesikhathi imoto abebehamba ngayo iguguleka ebhulohweni elincane lomphakathi ezinye izingane ezimbili zasindiswa ngumalume,” kusho uMaluleka.

ITheku selike laba nezikhukhula ezimbi kakhulu kusukela kwaba nezikhukhula ezabulala abantu ababalelwa ku-400 ngonyaka ka-1987.

NgoMbasa babalelwa ku-430 abantu abashonile kwacekeleka phansi izingqalasizinda zezigidigidi zamarandi.

Izikhukhula ezenzeke ngoMbasa nazo ziphoqe iSilo samaBandla uMisuzulu kaZwelithini ukuthi sihlehlise ukugcotshwa kwaso obekumele kwenzeke ngomhlaka-28 kuNhlaba.

Imiphakathi eminingi isahlala emahholo omphakathi nasemasontweni njengoba uhulumeni ehlulekile ukudedela isikhwama sokusiza abakhahlamezwe izikhukhula semali engu-R1 billion kuhulumeni waKwaZulu-Natal ukuze kwakhiwe kabusha.

Babalelwa ku-60 abantu abasadukile kanti esinye isidumbu sowesifazane sitholakale endaweni yakwaSeme eNanda ngesonto eledlule.

Scrolla World Cup Quiz