Kuklonyeliswe abelomboxo bakuleli

Lubhalwe nguLucky Maree

Yeka ibika elihle lonyaka webhola lombhoxo obaluleke kakhulu oseza.

Akukhona nje kuphela ukuthi abawinile ngabadlali abavelele ngempela emhlabeni jikelele, kanti abanye abazokhethwa abekho emuva kakhulu.

Kuyinto enhle nengcono kakhulu.

Emkhakheni woMdlali wonyaka wakuleli bekunguFrans Malherbe (ongcono), uKurt-Lee Arendse (ongcono kakhulu), Lukhanyo Am (ongcono kakhulu), uSiya Kolisi (ongcono kakhulu) kanti ngaphandle kokungabaza u-Eben Etzebeth uhamba phambili kulo nyaka.

Ngokwenjwayelo, indondo ye-Springbok Sevens Player of the Year itholwe uJC Pretorius owine le ndondo ngesizini lapho abasanda kuphuthelwa khona isicoco se-World Rugby Sevens Series.

Ingabe ubehamba phambili phakathi kwabaqokiwe njengoSelvyn Davids kanye noZain Davids? Kuthiwani ngoRicardo Duartte kanye noShilton van Wyk abangaqokwanga? Uhlu lwabadlali abadlala kahle, abangcono kanye nabangcono kakhulu luyaqhubeka okungenani lifinyelela kubadlali abayisikhombisa.

Okuhlukile okufakazela lo mthetho uNadine Roos oseqenjini elizakhe emidlalweni yomibili kweyesikhombisa nengu-15 kuleli, futhi ekhona lapho kanye nabahamba phambili emhlabeni. Ubehlezi ehamba phambili kweye-Women’s Player of the Year. Abanye abaqokiwe uLusanda Dumke, u-Aseza Hele, uZintle Mpupha kanye no-Aphiwe Ngwevu.

UCanan Moodie uvotelwe kweyomdlali osemncane wonyaka kanti ubeqhudelana noSacha Feinberg-Mngomezulu, uJaden Hendrikse, u-Evan Roos kanye noHenco van Wyk. Isithembiso sekusasa sihle kakhulu.

UFeinberg-Mngomezulu ohole iqembu lakuleli labangaphansi kweminyaka engu-20 elawina kwi-Six Nations U20 Summer Series e-Italy uqokwe njengomdlali ovelele kuma-Junior Springbok, ekhipha ozakwabo uSuleiman Hartzenberg kanye noRuan Venter.

I-DHL Stormers ithole indondo ye-Team of the Year ngemuva kokuwina i-URC futhi umqeqeshi uJohn Dobson (ohamba phambili) uthole indondo yomqeqeshi ohamba phambili. AmaBhokobhoko kanye noJacques Nienaber baqokwe (kwabahle kakhulu) kanye namaPumas noJimmy Stonehouse (kwabahle kakhulu).

Indondo ye-Premier Division Player of the Year itholwe umdlali wamaPuma uSebastian de Klerk  wahlula uWillie Engelbrecht kanye noDevon Williams.

Ingabe kuwine abantu abafanele? Akunandaba. Noma ubani ubengawina. Noma yini isengenzeka, kodwa uma kuyiwa eNdebeni yoMhlaba izinto zibukeka zizinhle, zingcono futhi zihamba kahle nsuku zonke.

Esithombeni esingenhla: U-Eben Etzebeth

Umthombo wesithombe: @jaredwright17

Izihloko zakamuva