Kukhulu kuyeza kuyenyelela njengoba u-Eskom usabisa ngokucisha ugesi amahora angu-12

Dylan Bettencourt

U-Eskom ususabise ngokuthi kuzoyiwa esigabeni sesishiyagalombili uma bephoqeleka ukuthi behlise ukusebenzisa kwabo ugesi ngama-megawatts (MW) angaphezu kuka-10 000.

Lokhu kungaholela ekutheni abantu baphelelwe ugesi amahora angu-12 ngosuku njengoba ugesi uzohamba kane ngosuku.

Lezi zindaba ziza ngemuva kokuchithwa kwesicelo sakwaka-Eskom sokukhululwa kwimikhawulo yokungcolisa umoya nguMnyango weZamahlathi neZindawo zokudoba (i-DFFE).

U-Eskom uyalelwe ukuba wehlise inani lokukhipha umoya ongcolile ukuze behlise izinga lokungcolisa umoya. Lo myalelo ungahle ubize u-Eskom imali efinyelela kwizigidigidi ezingu-300 zamarandi noma ubaphoqe ukuthi bavale cishe u-16,000MW weziteshi zikagesi zikazwelonke eziphehlwa ngamalahle.

Umphathi wezemvelo kwa-Eskom, uDeidre Herbst, uthe isinqumo se-DFFE singaholela ekutheni kube nokucishwa kukagesi okukhulu ezweni lonke.

“Umthelela wesinqumo esithathwe iziphathimandla sokuthi sehlise amandla angu-16 000MW kuzodala ukuthi sisheshe sicime ugesi ezweni. Lokhu kuzoholela ekutheni singene esigabeni sesishiyagalombili futhi ugesi uhambe kakhulu,” etshela i-eNCA.

UHerbst uthe u-Eskom unethemba lokuthi kuzoba nesivumelwano phakathi kwalezi zinhlangano ezimbili.

“Siphinde safaka esinye isicelo futhi saphinde sacela ukuthi kube khona abazongenelela. Siyethemba ukuthi sizoxoxisana nomnyango wezokumbiwa, umnyango wezamabhizinisi kahulumeni kanye nomnyango wezemvelo ukuze sithole isixazululo esizosiza nesizothuthukisa ukuze sinciphise umthelela kwezempilo futhi sibhekane nomthwalo wezimali ozodalwa yilokhu,” kusho uHerbst.

UHerbst uthe inkampani ingaphoqeleka ukuthi yengeze intengo kagesi ngo-10% ngonyaka ka-2022 ngaphezu kokwenyuka ngo-20,5% osekuzomenyezelwa onyakeni wezimali olandelayo.

Ukwenyuswa kwentela kuzosetshenziswa kusukela ngomhlaka-1 kuMbasa ngonyaka ozayo kumakhasimende akwa-Eskom, kodwa kulawa akamasipala uzonyuswa kusukela ngomhlaka-1 kuNtulikazi.

Umthombo wesithombe: @Mail&Guardian

Izihloko zakamuva