Kukhonye abase-Ethiopia kwiSpar Durban Women’s Marathon

Lubhalwe nguThathe Msimango

Umsubathi wase-Ethiopia uTadu Nare uqhubekile nokwenza kahle ngesikhathi egijima emigwaqeni yakuleli. Ugijime isikhathi esingu-31:26 ukuze awine umjaho we-Spar Women’s Durban webanga lika-10km ngeSonto.

Uzakwabo kaNare, uSelam Gebre ulandele ngesikhathi esingu-31:37 waphuma endaweni yesibili ngesikhathi uGlenrose Xaba eqeda endaweni yesithathu ngesikhathi sakhe esingcono kakhulu esingu-31:55.

Okushiye injabulo emphakathini wezokusubatha wakuleli ukuthi isikhathi sikaXaba sibe ngesesithathu uma ubheka isikhathi asilandela ngemuva sikaColleen de Reuck (31:26) kanye no-Elana Meyer owagijima isikhathi esingu-31:13 ngo-2001.

Uphinde waba ngowesifazane wesine kuleli ukugijima isikhathi esingaphansi kwemizuzu engu-32 elandela uMeyer, uDe Reuck kanye noDominique Scott.

Lo mjaho onemilenze eyisithupha uyingxenye ye-Grand Prix okuhlanganisa i-Johannesburg, i-Pretoria, i-Gqeberha, iKapa kanye neMbombela.

I-Grand Prix iphethe umklomelo omkhulu ka-R200,000.

Ekhuluma esithangamini sabezindaba ngemuva komjaho uNare (22) ophume endaweni yesishiyagalombili ku-London Marathon yalo nyaka ngesikhathi esingu-2:21:31 uthe kuhlezi kumnamdi ukugijima emigwaqeni yakuleli wathi ujabule ngomzamo wanamuhla.

“Ngijabule ngendlela engigijime ngayo namuhla. Umzila walapha ubuyisicaba ngakho angizange ngithwale kanzima. Umjaho ubushesha kakhulu futhi ekugcineni ngikhiqize isikhathi esihle kakhulu,” kusho uNare.

“Ngihlezi ngithanda ukugijima emigwaqeni yakuleli. Ukwesekwa engikutholayo lapha kuyingqayizivele. Ngakho ngihlezi ngikujabulela ukuzogijima lapha.”

Khonamanjalo, uXaba obe ngowokuqala wakuleli ukweqa umugqa ukholelwa ekutheni kuningi okuhle okumlindile. Kulo 

nyaka umpetha wakuleli webanga lika-10,000m uzephule zonke izikhathi zakhe ezintathu.

“Ngicabanga ukuthi ngisesimweni esihle kulo nyaka. Njengoba ungase ukhumbule nyakenye ngathwala kanzima ngenxa yokulimala kodwa ngikwazile ukukunqoba lokho futhi ngikholelwa ekutheni ngizogijima kahle kakhulu kulo nyaka.”

Lo mjaho udonse abasubathi abangaphezu kuka-10 000 emjahweni webanga lika-10km no-5km.

Esithombeni esingenhla: Abesifazane abathathu abaphuma phambili

Umthombo wesithombe: Umjaho wabesifazane we-Spar Facebook Page

Izihloko zakamuva