Kukhona okushaya amanzi ngomlilo oqubuke ePhalamende ngemuva kwamaviki ambalwa kumiswe abezokuphepha

Celani Sikhakhane

Emasontweni ambalwa ngaphambi kokuba kuqubuke umlilo ongqongqise isakhiwo ngeSonto ekuseni, iphalamende laseNingizimu Afrika limise onogada balo ukuthi bangayi emsebenzini ngezimpelasonto kanye nasebusuku ngesikhathi samaholidi ukuze lehlise izindleko.

I-National Education Health Workers Union ikhiphe isitatimende mayelana nalokhu kuthanjiswa kwezokuphepha ngemuva kwamahora ambalwa kushe ibhilidi lePhalamende likazwelonke eKapa ngeSonto ekuseni.

Lo mlilo usabalale kuzo zonke izitezi zamahhovisi kahulumeni, kanye nendlu yesiShayamthetho Sikazwelonke.

Phakathi kwamagumbi acekeleke phansi kubalwa nehhovisi lePhini likaSomlomo kanjalo namahhovisi e-NFP, awe-Good Party Kanye naholwa nguNgqongqoshe wezeMisebenzi yoMphakathi uPatricia De Lille.

NgeSonto ebusuku abaphathi bePhalamende bathe izicishamlilo zizamile ukucisha umlilo.

UMnu Themba Gabula we-Nehawu uthe baziswe ngesinqumo sokumiswa kwabezokuphepha ngaphambi kwamaholidi kaZibandlela onyaka ka-2021.

“IPhalamende limise abasebenzi bezokuphepha ukuthi bangasebenzi ebusuku nangamaholidi okuhlanganisa nezimpelasonto. Satshelwa ukuthi abanayo imali yokukhokhela isikhathi sokusebenza esengeziwe futhi lokho kwasimangaza ngoba lena indawo ebalulekile ezweni lonke,” kusho uGabula.

Ngokuhamba kwesikhathi uMengameli uCyril Ramaphosa udalule ukuthi indoda eneminyaka engu-49 ubudala iphekwa imibuzo. UDe Lille utshele izintatheli ngemuva kwalokho ukuthi icala selidluliselwe koKlebe.

IPhini likaSomlomo uLechesa Tsenoli uthe siyasolisa isikhathi okuqubuke ngaso umlilo. Lokhu akwenzekanga nje ngemuva kwamasonto ambalwa kumiswe abezokuphepha, kodwa kwenzeka ezinsukwini ezimbili ngaphambi kokukhishwa kombiko wekhomishana kaZondo mayelana nokulawulwa kombuso ngoLwesibili.

“Asinawo amazwi okuchaza ukucasuka kwethu. Abantu babuza kufanele ukuthi lokhu kuvunyelwe kanjani ukuthi kwenzeke,” kusho uTsenoli.

Lo mlilo uqubuka njengoba uMengameli elungiselela Inkulumo Yesizwe, okumele ibe ngenyanga ezayo.

IMeya yedolobha laseKapa uGeordin Hill-Lewis usenikele ngendawo yomkhandlu wedolobha ukuba kubanjelwe khona ukwethulwa kwenkulumo yaminyaka yonke esizweni.

“Nakuba kusacutshungulwa ukuthi umonakalo ungakanani, iDolobha laseKapa limi ngomumo ukwenza konke okusemandleni ukusiza,” kusho uHill-Lewis.

“Ngike ngaxhumana noSomlomo wePhalamende, uNosiviwe Mapisa-Nqakula, ukuze asisize ngokushesha ukuze umsebenzi wePhalamende uqhubeke,” engeza.

Izihloko zakamuva