Arthur Greene
I-Taliban imemezele uhulumeni wesikhashana ozophatha i-Afghanistan, ngemuva kwenyanga iqembu lamasosha lithathe umbuso.
Elinye lamalungu ekhabhinethi elibhekwe kakhulu nguNgqongqoshe omusha wezangaphakathi, uSirajuddin Haqqani, ohamba phambili ohlwini lwabantu abafunwa yi-FBI.
UMnyango wezoBulungiswa eMelika bewunikeza umklomelo wezigidi ezingama-R71.5 kunoma ngubani onemininingwane yokuthi ukuphi, ngokubandakanyeka kwakhe ekuhlaselweni ngebhomu lokuzibulala ehhotela e-Kabul.
UHaqqani uyinhloko yenhlangano yamaphekula, eyaziwa ngokuthi i-Haqqani network, okukholakala ukuthi yiyona eyimbangela yezinye zezehlakalo ezibulale abantu abaningi e-Afghanistan kule minyaka engamashumi amabili edlule.
UMullah Hasan Akhund, ongomunye wamalungu asungula i-Taliban, uqokwe njengoNdunankulu wesikhashana.
U-Akhund wahola leli qembu lezidlamlilo phakathi neminyaka yalo yokwakha uzungu lokuthatha umbuso, kusukela ngowe-1996 kuya kowezi-2001.
Okhulumela i-Taliban uZabihullah Mujahid esithangamini sabezindaba uthe lo hulumeni “akakhethi bala” futhi uzomela wonke umuntu e-Afghanistan.
Kodwa-ke, uhulumeni omusha wezwe – owakhiwe ikakhulukazi ngabantu bezenkolo nabaholi bangaphambilini – uphakamisa ukuthi abakashintshi kangako selokhu bagcina ukuphatha.
Ubuholi be-Taliban bubukeka sengathi abuzinakanga izicelo ezivela emphakathini wamazwe omhlaba zokuthi kuqokwe abanye oNgqongqoshe abangewona amalungu e-Taliban.
Kuyacaca ukuthi akekho noyedwa umuntu ongowesifazane kwikhabhinethi.
Ngesikhathi i-BBC ibuza u-Abdullah Wasiq, oyilungu le-Taliban, ukuthi kungani lokhu kwenzeka, uthe iKhabinethi ibingakaphothulwa.
Umthombo wesithombe: @AdityaRajKaul