
Dylan Bettencourt
Owesilisa oshonelwe ngubaba ngesikhathi kunyathelwana enkundleni yezemidlalo i-Olembe kweye-Afcon uthe ayikho imali engaduduza umndeni wakhe.
Lokhu kungemuva kokuthi uMengameli wase-Cameroon uPaul Biya ememezele ukuthi imali yesinxephezelo izokwabelwa imindeni ethintekile.
Imindeni yabantu abayisishagalombili abashone ngesikhathi kunyathelwana izothola isinxephezelo sika-R246 000 ngamunye.
“Izigidi eziyishumi zemali azikwazi ukuvala isikhala sikababa,” kusho indodana yesisulu itshela i-BBC.
“Ngicabanga ukuthi kungcono kunokungatholi lutho. Bengingakayithathi imali ngoba simngcwabe ngempelasonto. Ngilindele ukuthola imali kuleli sonto”.
Phakathi kwabashonile abayisishiyagalombili bekukhona izingane ezimbili ezineminyaka eyisishiyagalombili nengu-14 kanti abanye abangu-47 abakade belimele basindile.
Isiphithiphithi senzeke ngesikhathi abalandeli bezama ukungena enkundleni yezemidlalo ngesikhathi kudlala i-Comoros ne-Cameroon ngomhlaka-24 kuMasingana. Amasango amabili kwamathathu ayevaliwe futhi abalandeli abaningi bebegcwele esangweni elivuliwe kuphela.
Owandulela owamanqamu we-Afcon obekumele udlalwe kuyona le nkundla uye wadlalwa kwenye indawo kodwa owandulela owamanqamu walo mqhudelwano udlalwe kuyo le nkundla.
“Sisakhungathekile ngokushona komshana wethu, akukho okunye esikulindele ngoba imali ngeke iyibuyise ingane yethu,” kusho esinye isihlobo.
Abalimale kulesi sigameko banikezwe isinxephezelo semali engu-R2,600 kanti esinye isisulu sikuchaze lokhu “njengesilungile”.
“Ngike ngezwa izinhlungu esiswini selokhu ngagxotshwa. Umbusi usitshele ukuthi usizo lwezempilo lusazotholakala mahhala kithi. Uma siphatheka kabi, singaya esibhedlela sikahulumeni bese silashwa mahhala,” kusho isisulu.
Abantu abayisikhombisa abalimele kanzima ngesikhathi sesigameko bakhokhelwe izikweletu zabo zesibhedlela nguhulumeni wase-Cameroon kanye nanoma yiziphi izindleko zokwelashwa zesikhathi esizayo ezihlobene nemiphumela yokunyathelana.
Umthombo wesithombe: @BeSoccer