Kukhethwe amalungu amasha ekomiti lemeya kowaseNMB

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Imeya esanda kukhethwa yaseNelson Mandela Bay uGary van Niekerk umemezele ikomiti lakhe nakuba kuqhubeka umdonsiswano wezikhundla kumfelandawonye oholwa i-ANC.

NgoMsombuluko, uVan Niekerk ugxekwe uGayton Mckenzie we-Patriotic Alliance ngemuva kokuthi ebambezele isimemezelo sekomiti lakhe ngenxa yombango oqhubekayo wezikhundla.

Esithangamini nabezindaba ngoLwesibili, uVan Niekerk uthe uyazi ukuthi kuzomele aphendule kwababambisene naye ngokwenza lesi simemezelo ngesikhathi kusaqhubeka izingxoxo zezikhundla.

Imeya igcizelele ukuthi uhulumeni omusha ubeselahlekelwe usuku olulodwa lomsebenzi; ngakho-ke, bekufanele isimemezelo senziwe.

“Izolo besingakakulungeli ukuwenza isimemezelo ngenxa yezizathu ezahlukene kanti phakathi kwazo ukuthi amalungu amaningi ekomiti lemeya ebengekho. Kodwa ungangitshela ukuthi kungani engekho nanamuhla? Yingakho siqhubeka nesimemezelo.”

“Lo masipala awukwazi ukuqhubeka nokusebenza nabantu abangekho. Bekumele ngimemezele amalungu amasha ekomiti lemeya,” esho.

I-EFF ibizibheke ngabomvu izikhundla zokulethwa kwezidingongqangi okubalwa kuzo isikhundla sengqalasizinda nesobunjiniyela kanjalo nesesabelomali kanye nesikamgcinimafa okuyizikhundla ezifunwa i-ANC.

Ekhuluma ekhasini leqembu laku-Facebook ngoMsombuluko ebusuku, umholi we-Patriotic Alliance uMcKenzie udalule ukuthi “kunempi enkulu eqhubekayo” phakathi kwamadlelandawonye namaqembu ikakhulukazi i-EFF njengoba ingeneme ngenani lezikhundla zamalungu ekomiti lemeya ezabelwe i-Patriotic Alliance.

“Singahle sihoxe eNelson Mandela Bay,” kusho uMcKenzie.

Ngesikhathi kubangwa izikhundla uMcKenzie uthe i-EFF izwakalise ukukhathazeka kwayo ngokuthi i-Patriotic Alliance ithole izikhundla ezimbili ekomitini lemeya.

“UFloyd Shivambu uthumele umyalezo othi i-Patriotic Alliance ngeke ibe namalungu amabili ekomiti lemeya wathi bazohoxa eNelson Mandela Bay.

“Sithe ‘yibani izivakashi zethu.’ Uma nihoxa ngehora lesibili ntambama thina sizohoxa ngo-2:05 ntambama eGoli,” kusho uMcKenzie.

Kodwa-ke, uVan Niekerk umemezele uKhanya Ngqisha we-EFF njengelungu lekomiti lemeya elibhekelela ingqalasizinda nobunjiniyela kanye no-Itumeleng Ranyele we-ANC njengomphathi wesabelomali kanye nomgcinimafa.

Ezinye izikhundla zimi kanje:

• Ugesi naMandla — uZanele Sikawuti (EFF)

• UkuHlaliswa kwaBantu — uThembinkosi Mafana (ANC)

• Imisebenzi yezamaBhizinisi — uYolisa Pali (ANC)

• Impilo yoMphakathi — uTshonono Buyeye (AIC)

• EzokuNgcebeleka, ezeMidlalo, ubuCiko namaSiko — uBassie Kamana (PAC)

• UkuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha nezoLimo — uLindoor Shuling (PA)

• EzokuPhepha nokuVikeleka — uStag Mitchell (Northern Alliance)

Akukacaci ukuthi i-EFF yeneme yini ngesikhundla esibhekelela isabelomali nesomgcinimafa esinikwe i-ANC.

Esithombeni esingenhla: Imeya esanda kukhethwa kamasipala waseNelson Mandela Bay

Umthombo wesithombe: Anita Dangazele

Izihloko zakamuva