Kukhethwe abamhlophe abazomela iDA

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

I-DA isiphinde yaqoka ubuholi obuphezulu kwabesilisa abamhlophe obuzohola okhethweni lukazwelonke ngo-2024. Lokhu kuza ngemuva kokuthi leli qembu ligxekwe kakhulu ngokuba nabaholi abaningi abamhlophe abaqokwe engqungqutheleni kazwelonke.

Ukufuduka kwabaholi abamnyama abaqavile ku-DA KwaZulu-Natal kushiye leli qembu nohlaka lwesifundazwe oluphethwe kakhulu ngabamhlophe.

Engqungqutheleni yesifundazwe ebise-ICC eThekwini ngempelasonto kuqokwe abesilisa abathathu abamhlophe ezikhundleni eziphezulu zobuholi.

UFrancois Rodgers uqokwe kabusha njengomholi we-DA esifundazweni, uDean McPherson njengoSihlalo we-DA e-KZN kanti uMartin Meyer ukhethwe njengePhini likaSihlalo wokuqala wohlaka lwesifundazwe.

Ukugqama kwabesilisa abamhlophe kuqale ngemuva kokushiya kwabaholi abamnyama abafana noSizwe Mchunu, uZwakele Mncwango, uMbali Ntuli, uMakhosazana Mdlalose nabanye.

NgoMgqibelo, umhlangano waleli qembu ubuhanjelwe abantu abangu-500 ababone kukhethwa abesilisa abamhlophe abazohola leli qembu okhethweni luka-2024 esifundazweni esigxile kakhulu ekulandeleni amasiko ezindaweni zasemakhaya.

IPhini lomholi osanda kukhethwa okunguye yedwa owesilisa omnyama ohlakeni, uMnu Sthembise Ngema uthe njengoba uRodgers ethathe izintambo njengomholi iqembu esifundazweni likhule kakhulu.

“Empeleni siyakhula futhi njengobufakazi balokho, sinqoba ukhetho lokuchibiyela yonke indawo e-KZN. Abantu basemalokishini nasezindaweni zasemakhaya bamukela i-DA ngoxhaso olumangalisayo,”echaza.

Isithombe esingenhla : Isithunywa se-Democratic Alliance sikhethe ubuholi besilisa kwabamhlophe e-KZN ngoMgqibelo.

Umthombo wesithombe : I-DA Communication Unit

Izihloko zakamuva