Kukhandwe ngamatshe abasolwa abahlanu eTembisa

Ibhalwe ngu-Everson Luhanga

Abasolwa abahlanu bakhandwe ngamatshe bashona eTembisa eKanana ext 4 ngoMsombuluko ekuseni.

Abasolwa bebesolwa ngamacala amaningi.

Izakhamuzi zivuke ekuseni ngoMsombuluko zingena umuzi nomuzi, zizingela abasolwa ngobugebengu.

Ithimba leScrollla.Africa lifike endaweni yesigameko lapho isixuku sezakhamuzi sibuthene eduze kwentambo ewumgoqo yamaphoyisa.

Izidumbu ezine kweziyisihlanu zihlonzwe amalungu omndeni wazo.

Iziphathimandla azitholanga zimpahla ezebiwe noma izikhali ezigebengwini ezisolwayo.

“Izidumbu ezine zihlonzwe ngamalungu omndeni endaweni yesigameko. Amalungu omndeni akanalo ulwazi ngesigameko,” kusho esinye sezikhulu ebesihambele endaweni yesigameko.

Ubuye wengeza ngokuthi amaphoyisa athole ucingo oluvela esikhungweni esihlinzeka amakhasimende ukuthi ayobhekana ngombiko wokubulawa kwabantu abahlanu eKanana Ext 04 eduze kwenkundla yezemidlalo.

Umama womunye wabashonile, uMpho Baloyi, ukhulume neScroll.Africa uthe indodana yakhe ibingesona isigebengu.

“Uhlale ematasa nebhizinisi lakhe elincane lokupheka,” kusho yena.

Uthe uvuswe wumakhelwane wakhe obemcela ukuthi abheke ukuthi indodana yakhe ayikho yini endlini.

“Ngesikhathi ngizwa kukhona ongqongqoza emnyango, ngicabange ukuthi indodana yami izongitshela ukuthi izolanda isitoko njengoba ibishilo,” kusho umama.

“Kodwa inhliziyo yami ibebuhlungu lapho ngimbona elele phansi embozwe ngengubo eluhlaza okwesibhakabhaka. Ikhanda lakhe sengathi lishaywe ngetshe elikhulu.”

UMapule Sifolo, unina kaPercy Sifolo, uthe umakhelwane wakhe wamtshela ukuthi indodana yakhe ingomunye wabahlanu abashonile.

UPat Manyala uthe indodana yakhe uJustice Mayala ibulawe ngesihluku.

“Ngithole ucingo luvela kumqashi wendodana yami engitshela ukuthi isixuku sizocekela phansi umjondolo wakhe ngenxa yendodana yakhe.

“Kuthe kusenjalo ngathola ucingo lungitshela ukuthi ishonile. Ngididekile. Angikaze ngibe nezinkinga noma ngikhononde ngokuthi indodana yami yenza ubugebengu endaweni,” kusho uPat.

Isithombe ngenhla: Indawo okwenzeke kuyo isigameko.

Umthombo wesithombe: Everson Luhanga

Izihloko zakamuva