Kukhalwa ngosopolitiki ngokungabanaki abantu abangaboni nabangezwa

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Kukhalwa ngosopolitiki okuthiwa bavele bangayingena indaba yabantu abakhubazekile abaphila nokungaboni nokungezwa ngesikhathi semikhankaso yokhetho.

Lokhu kuvezwe abe-Blind and Deaf Society engxoxweni abebenayo ne-Scrolla.Africa kuleli sonto nalapho bebekhala ngezingqinamba ezibhekene nabantu abangaboni nabangezwa.

UMengameli we-Blind and Deaf Society uNkk Veetha Sewkuran uthe bayafisa sengathi belingakhona noma elilodwa nje iqembu ebeliyithinta indaba yabantu abangezwa nabangaboni kosomqulu bezethembiso zokhetho.

Uthe bazizwa belahliwe futhi besacindezelekile ngenxa yokuthi noHulumeni usababukela kude abantu abanalolu hlobo lokukhubazeka.

“Ngiyafisa ukuthi engabe kubekhona noma elilodwa iqembu lezepolitiki ebelikhuluma ngamathuba okuthuthukisa abantu abangezwa nabangaboni. Kunalokho wonke amaqembu abengayiphathi nhlobo indaba yalaba bantu. 

“Yile nkinga esibhekene nayo nakuHulumeni nasemphakathini ngoba nasemakhaya baphinde banganakwa. Kuthathwa izinqumo bekhona benze izinto ezingekho nezingaphili. Ezikhungweni zikaHulumeni okuyizibhedlela, iziteshi zamaphoyisa nezinkantolo abalutholi usizo ngoba uHulumeni akayikhandanga indlela yokuba wonke umuntu akwazi ukubezwa nokuxhumana nabo,” kusho uNkk Sewkuran. 

Uqhube wathi ngisho izingane ezingaboni nezingezwa azisiqedi isikole ngoba azikho izinhlelo ezibhekene nazo.

Ngakolunye uhlangothi uNobhala we-Blind and Deaf Society uNkk Nayantra Kanaye uthe sebehluleke noma belula isandla ukuze basize uHulumeni ekuqeqeshweni kothisha nabanye abasebenzi bezinhlaka zakhe ngendlela yokuxhumana nabantu abangezwa nabangaboni kodwa uzithela ngabandayo.

Uthi yize bekushayela ihlombe ukugunyazwa kwe-Sign Langauge kodwa kuningi okumele kwenziwe ekutheni abasebenzi bakaHulumeni nabo bayifunde ukuze bakwazi ukusiza lolu hlobo lwabantu.

“Sinezindawo eziningi ezisemakhaya njengasoLundi esizihambelayo siyohlola abantu abangaboni kodwa kunzima ukufinyelela kuzo ngoba alukho noxhaso lukaHulumeni njengezimoto. Sigcina sisizwa oMsamariya abazimele,” kusho uNkk Kanaye. 

I-Blind and Deaf Society isungulwe eminyakeni engu-87 eyedlule ngenhloso yokuqoqa abantu abangaboni nabangezwa ababehlala emigwaqweni.

Le nhlangano ifuna bonke abantu bafundiswe ngezilimi zokuxhumana nabangezwa nabangaboni.

Izihloko zakamuva