Lucky Maree
Emizuzwini emihlanu yokuqala kowamanqamu we-Currie Cup ngoMgqibelo bekunezikhathi okungenani ezintathu lapho unompempe ebengenza khona umehluko futhi aguqule indlela umdlalo ohamba ngayo.
Bonke abalandeli bebhola lombhoxo bayasazi leso sikhathi esisabekayo lapho unompempe ngandlela thize ehlala elindele ukusebenzisa impempe okusuke kukhombisa ukuthi umdlalo uzoma.
Umdlalo uyama ngenkathi unompempe eqonda kwi-TMO abe nengxoxo nabanye uma kukhona abangakubonanga kahle okulandela lapho unompempe usuke ezocela ukuvezelwa leso sigameko esisanda kwenzeka ukuze ahlolisise kahle ukuthi alikho yini iphutha elikhona elenzekile.”
Ngemuva kwalokho kulandela lapho sebephindaphinda umdlalo bebonisana bengaqedi.
Uma sebeqedile ngokubonisana baphetha ngokuthola iphutha bese kukhishwe ikhadi eliphuzu noma elibomvu okuyilapho umdlalo ushintsha khona.
Umdlalo wonke unompempe usuke esephoqelekile ukubukisisa i-TMO uma ebona kukhona okungahambi kahle bese kumele enze okufanayo nasekuqaleni okuyilapho amakhadi asuke esewakhipha khona ngokulandelana.
Okuxakile emdlalweni wangoMgqibelo akwenzekanga lokho.
Ekuqaleni komdlalo, unompempe omude obegunde imbhunculu uCwengile “JD” Jadezweni ukhombise ukungayilandeli imigomo wakhipha amaphenalthi ngaphandle kokuya kwi-TMO uze wakhipha nekhadi eliphuzi.
Ngasekupheleni komdlalo, i-TMO no-Quinton Immelman imphoqe ukuthi abukele ukuphindaphinda okumbalwa.
UJD ubonakale engabaza, kodwa u-Immelman wabonakala ephikelela futhi wabonakala ephoxekile ngesikhathi uJD ememezela ukuthi abukho ubufakazi bokuthi umdlalo awuhambi kahle. Lo nompempe uyayazi imithetho futhi uyawuqonda umdlalo kodwa kulokhu wenze ngenye indlela.
Cishe sekuyophela unyaka manje ama-Britain kanye nama-Irish Lions avakashela kuleli. Ngokuthukuthela bathi lo mdlalo onguchungechunge akumnandi ukuwubuka.
URassie Erasmus uzame ngendlela yakhe ukuveza iphuzu elibalulekile. Kodwa uBilly Beaumont ne-World Rugby bamuvale ngenye indlela u-Erasmus ayengayilindele emenze wathula kuze kube inamuhla.
Umuntu unethemba lokuthi kulo mzuliswano onzima wemidlalo yezivivinyo oqale kule mpelasonto, onompempe bamazwe bazofunda okuthile ngokwenziwe umompempe uJD ukuze bangenzi iphutha elifanayo.