Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Kukhalwa ngomholi weqembu elidlelana noMkhonto weSizwe kalowo owayenguMengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma okuthiwa udayise amaqembu aphikisayo eThekwini emizamweni yokugudluza uKhongolose emandleni.
UMnuz Visvin Reddy we-Africa for Democratic Change osondelene noZuma kuthiwa uvele wangavota yize bekunethemba lokuthi uzovotela ukuba kukhishwe iMeya ye-ANC emandleni uMnuz Mxolisi Kaunda.
UKaunda usolwa ngokuhlulwa umsebenzi nosekudale ukuba izingxenye zeTheku zingabinamanzi.
NgoLwezi i-IFP yafaka isiphakamiso sokuba kukhishwe uKaunda ngevoti lokungamethembi.
Umholi wekhokhasi ye-DA eThekwini uMnuz Thabani Mthethwa ukhale ngokuthi i-ADeC kaReddy ikhombisile ukuthi ayinandaba nenhlupheko yomphakathi waseThekwini.
“I-ADeC idayise ngomzabalazo wokukhulula izakhamizi zaseThekwini osizini lokuhlukunyezwa uKhongolose. Lento bayenzile ngo-2021 ngesikhathi bebuyisa uKhongolose ekutheni uphathe iTheku. Lokhu kuyethusa ukuthi sisenamaqembu afana nalawa abeka phambili izidingo zabaholi bawo esikhundleni somphakathi,” kusho uMthethwa.
Ngesikhathi uSomlomo kamasipala weTheku uMnuz Thabani Nyawose ememezela imiphumela yokhetho, uveze ukuthi amaqembu abevotela ukukhipha uKaunda athole amavoti angu-98 kwathi abavotele ukuvikela iMeya bathola amavoti angu-109.
UKaunda uthe kuyiphutha ukuthi uhuqa ubuthongo emsebenzini wathi benza konke okusemandleni ukulwa nenkinga yamanzi. Uthe amanye amakhansela ayavilapha kodwa kunzima kubo ukuvele bawahlasele esidlangalaleni.
Uqhube wathi ezindaweni eziseNingizimu yeTheku bamatasa balungisa umonakalo wokuntuleka kwamanzi.
Uthe nasezindaweni eziko-Phoenix, e-Verulam, eNtuzuma, eLindelani nakwaMashu bayazama ukulungisa umonakalo.