Kukhalwa ngomfundi oyibhokolo

Elmon Tshikhudo

Uneminyaka engu-18 ubudala futhi kufanele ngabe wenza umatikuletsheni – kodwa kunalokho usafunda ibanga lesihlanu.

Lo mfundi ofunda emabangeni aphansi e-John Marubini e-Phiphidi ngaphandle kwase-Thohoyandou useneminyaka eminingi engaphumeleli kwizivivinyo zakhe futhi akayi njalo esikoleni.

Ngesonto eledlule lo mfundi, edinwe isimo sakhe, uzame ukuphoqa othisha ukuthi bamyeke adlulele ebangeni elilandelayo nakuba efeyilile.

Abazali bezinye izingane babize umhlangano esikoleni mayelana nalo mfundi. Bathe umfana uvumelekile ukuphatha izikhali eziyingozi nokuletha igenge yakhe emagcekeni esikole, ngakho banqume ukukhipha izingane zabo esikoleni, njengoba bezibona zisengozini.

Ummeli uSammy Netshifhefhe, owayengusihlalo wesigungu esilawula isikole (i-SGB), usole uthishomkhulu, i-SGB nabaphathi besikole ngokwenza lomonakalo.

“Eminyakeni emithathu edlule safika nesu lokuphuma kwakhe esikoleni ngemuva kokuthi eqale ukuba uhlupho,” kusho uNetshifhefhe.

“Simangele ukuthi uthishomkhulu kanye ne-SGB ekhona banqume ukumbuyisela ngemuva kokuba sebemazi ukuthi uwuhlupho.”

Uthe i-SGB ihudula izinyawo ngaloludaba. “Bekumele ngabe kudala belandela imithetho yesikole ngenxa yabafundi nabasebenzi,” kusho uNetshifhefhe. 

Umzali ongathandanga ukudalulwa igama uthe izingane zabo aziphephile.

“Sizobakhipha baye kwezinye izikole kuze kube isikole siqinisekisa ukuphepha kwabo,” kusho umzali.

Usihlalo we-SGB yesikole uNelly Netshifhefhe uthe benze konke okusemandleni ukuvimba umfana.

“Sizamile ukuxazulula izinkinga zakhe ngendlela efanele kodwa udelela wonke umuntu okubalwa ngisho uthishomkhulu, iNkosi yendawo nomphakathi,” kusho uNelly.

“Senza konke okusemandleni ukuletha isimo esijwayelekile esikoleni.”

Okhulumela uMnyango wezeMfundo e-Limpopo, uTidimalo Chueni, uthe ubengazi ngalesi sigameko.

“Sizolinda umbiko ovela ehhovisi lesifunda bese siyakusukumela lokhu,”kusho uChueni.

Izihloko zakamuva