Kukhalwa ngomfudi ocwase omunye ngokobuhlanga

Dylan Bettencourt

INyuvesi yase-Stellenbosch iphenya ngesigameko lapho omunye wabafundi bayo abamhlophe athwetshulwe khona echamela impahla yomfundi woHlanga.

Kuthiwa lo mfundi ugqekeze egumbini lomfundi woHlanga elele ngoMgqibelo ebusuku wachamela ideski lakhe, izincwadi kanye ne-laptop.

I-South African Students Congress (i-Sasco) ithe isisulu besilele ngesikhathi sizwa umsindo egumbini laso.

“Ngesikhathi ephaphama, umfundi omhlophe onobandlululo ubechama etafuleni lakhe lokufunda, izincwadini kanye nakwi-laptop yakhe.

“Ngesikhathi ebuzwa yisisulu, impendulo yocwasayo ibe ukuthi yilokho abakwenzayo kubafana abamnyama,” kufundeka isitatimende se-Sasco.

UMqondisi Omkhulu Wezindaba Zabafundi eNyuvesi yase-Stellenbosch, uDkt Choice Makhetha uthe inyuvesi iyasigxeka lesi sigameko futhi isiqalile ukuphenya ngalolu daba.

“Abaphathi bendawo yokuhlala abafundi bazisiwe ngesigameko sangeSonto kanti sibikwe ngokushesha ezinhlakeni ezifanele zamanyuvesi ukuze kwenziwe uphenyo oluphuthumayo.

“Okwamanje abaphathi nabo basigxeke kakhulu lesi sigameko base bethatha izinyathelo zokulawula umonakalo owenzekile endaweni yokuhlala,” kusho uMakhetha.

Umfundi owenze lokhu akahlali endaweni yokuhlala yabafundi.

UMaketha wengeze ngokuthi izinyathelo ezifanele zizothathwa uma uphenyo seluphothuliwe.

“Akekho umfundi oza enyuvesi ukuzophathwa kabi ngomunye. Akekho umfundi onelungelo lokwehlisa isithunzi somunye umuntu ngale ndlela bese avele athi ngicela uxolo,” kusho umqondisi.

“Umfundi othintekile usashaqekile futhi usazama ukubuyekeza okwenzekile.”

UMaketha uthe ukhulume nomfundi omnyama ngoMsombuluko ekuseni futhi ubonile ukuthi uhlukumezekile.

USihlalo we-Student Representative Council (i-SRC) kule nyuvesi, uMnu Viwe Kobokana, ukuqinisekisile ukuthi kunomhlangano ozoba khona nesisulu nenyuvesi.

Umthombo wesithombe: @StellenboschUniversity

Izihloko zakamuva