Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
Amabandla nezikole zase-Gqeberha azisaphephile ezigebengwini futhi ziya ngokuya zibhekwa njengezindawo ezigetshengwa kakhulu kuleli dolobha.
Njengoba izingane namakholwa beyizisulu nabangasekho emhlabeni bayahlukunyezwa njengoba amathuna ecekelwa phansi futhi ephangwa.
Isigameko esenzeke ngempelasonto sithuse abantu abaningi edolobheni njengoba kusolakala ukuthi amakholwa abanjwe inkunzi ngesikhathi esenkonzweni yasebusuku i-Assemblies of God elokishini Kwazakhele.
Lesi sigameko singesokuqala kule ndawo njengoba amabandla kanye nezikole bezilokhu zibonakala njengezindawo ezingahlaselwa izigebengu.
Ikholwa elicele ukuthi igama lalo lingadalulwa ngenxa yezokuphepha ebelihambele inkonzo, lithe babambe ongezansi futhi bashaqekile ngalesi sigameko ebesingalindelekile.
“Isigameko sokugetshengwa kwabantu ebandleni yinto yokugcina umuntu angayilindela. Ngesikhathi kungena abasolwa besingacabangi lutho kuze kwaba ngesikhathi siqaphela ukuthi baphethe izibhamu. Iyashaqisa indlela abantu abangasayihloniphi ngayo indlu kaNkulunkulu,” etshela i-Scrolla.Africa.
Ngesonto eledlule abasebenzi basesikoleni samabanga aphansi iVukani Bantu e-Motherwell bagetshengwe bakhonjwa ngommese emagcekeni esikole. Abasolwa bahambe nomakhalekhukhwini kanye nezikhiye zemoto.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo e-Eastern Cape uMnu Malibongwe Mtima, uthe ukugetshengwa kwezikole kuwubufakazi bokuphelelwa ithemba komphakathi.
“Umnyango ungenza lukhulu ekuqinisekiseni ukuthi izikole ziphephile. Imiphakathi nayo inomthwalo ofanayo wokuvikela izikole ezigamekweni ezifana nalezi. Uma kwenzeka izinto ezinjengalezi kusho ukuthi kunokunganaki nokungaziphathi ngendlela efanele emiphakathini yethu,” esho.
Izakhamizi zakulo masipala zithi kumele zicabange kabili njalo uma zivakashela amathuna ngoba zisengcupheni yokugetshengwa emathuneni akule ndawo.
Okhulumela uMasipala iNelson Mandela Bay uMamela Ndamase, uvumile ukuthi kuyakhula ukukhathazeka ngezokuphepha futhi nakuba kusazolungiswa ezinye izinto isabelomali esikhona asanele okwamanje.
“Ikomiti elilwa nokucekelwa phansi kwempahla liphezu kwezinhlelo zokuqinisa ezokuphepha kuzo zonke izikhungo zethu. Uhlelo luhlanganisa amakhamera e-CCTV kanye nokufaka ama-alamu.
“Okwamanje asikwazi ukufaka onogada abengeziwe kulezi zikhungo ngenxa yezinkinga zesabelomali,” engeza.
Abasokayo esikoleni sokusoka sase-Motherwell babeyizisulu zakamuva ezigamekweni zokugetshengwa lapho abasolwa abangaziwa bagasele kule ndawo befuna omakhalekhukhwini nokudla.
Okhulumela amaphoyisa ase-Eastern Cape uColonel Priscilla Naidu, uthe imiphakathi kumele isebenzisane namaphoyisa ukulwa nezinga lobugebengu elilokhu likhula njalo kuleli.
“Ukulwa nobugebengu akuwona umsebenzi wamaphoyisa kuphela – izinhlangano zomphakathi, abaholi bomphakathi kanye namaphoyisa kumele basebenzisane ukuze kunqandwe ukubusa ngokukhululeka kwezigebengu ezindaweni esihlala kuzo,” kusho uColonel Naidu.
Esithombeni esingenhla: Isango elicekelwe phansi emathuneni ase-South End, e-Gqeberha
Umthombo wesithombe: Anita Dangazele