Dylan Bettencourt
INhlangano kaDesmond Tutu ithi amaphoyisa ase-Israel ahlasele abantu base-Palestine abebehambele umngcwabo wentatheli uShireen Abu Akleh nokukhombise izimpawu zobandlululo lwakudala lwaseNingizimu Afrika.
Le ntatheli (51) ibulawe ngesikhathi kunengxabano phakathi kwabantu base-Israel nabase-Palestine ngomhlaka-11 kuNhlaba.
Umngcwabo wayo obungoMgqibelo uphazamisekile ngesikhathi amaphoyisa ase-Israel ehlasela abebekhona.
UMamphela Ramphele, ongumqondisi weNhlangano kaDesmond Tutu, esitatimendeni uthe amalungu ombutho wezokuvikela wase-Israel ahlasele abantu abebezongcwaba okubuyise isithombe ngesihluku esenziwa kubantu ababekhona emingcwabeni yezishoshovu ezazilwa nobandlululo.
URamphele wengeze ngokuthi abezokuphepha base-Israel “kusobala ukuthi yibo abaphenye” ngokudutshulwa kwentatheli ngesikhathi u-Akleh ebhala udaba lwengxabano kwi-West Bank.
“Njengoba u-Archbishop Tutu asifundisa, abaphehli bodlame nabaphula amalungelo abantu bangase bacabange ukuthi baqhubekisela phambili izinhloso zabo kodwa empeleni babukela phansi ubuntu nobuqotho babo,” esho.
Umhlaziyi wezepolitiki u-Eusebius McKaiser uhambe emazwini enhlangano kaTutu wathi udlame kulendawo lujwayeleke kakhulu.
“Abantu baseNingizimu Afrika banezinkumbulo ezinjalo,” ebhala ku-Twitter.
Amaphoyisa obandlululo ahlasela abebezilile emingcwabeni yezishoshovu nabantu ababebabulele.
Phambilini i-Human Rights Watch isole i-Israel ngokwenza ubugebengu obufana nobandlululo e-Palestine, okuyinto i-Israel eyiphike ngokuqinile, isola leli qembu ngokuchema.
I-Israel isiyalele ukuthi kuphenywe ngamaphoyisa ahlasele abantu emngcwabeni e-East Jerusalem.
“UKhomishana wamaPhoyisa ase-Israel ngokubambisana noNgqongqoshe wezokuPhepha koMphakathi uyalele ukuthi kwenziwe uphenyo ngalesi sigameko,” kusho isitatimende samaphoyisa ngoMgqibelo.
Umthombo wesithombe: @TheNewYorkTimes