
Everson Luhanga
Amaphoyisa athole inqwaba yezintambo zamakhebula ethusi ezibiza izigidi zamarandi esitolo esidayisa izinsimbi e-Devland eningizimu yeGoli ngoLwesine.
Ukwebiwa kwamakhebula sekuphenduke ibhizinisi elikhulu lobugebengu. Sekuholele ekutheni kunqamuke ugesi futhi sekuphenduke insakavukela umchilo wesidwaba, kusabisa abatshalizimali abadingeka kakhulu ukufukula umnotho.
Izigebengu ezihlome ngezibhamu zithusa imiphakathi nonogada abaqaphe ingqalasizinda eyigugu. Kudutshulwa onogada, abanye bayashona ngesikhathi bezama ukuvikela izintambo zethusi zikahulumeni.
UMengameli uCyril Ramaphosa enkulumweni yakhe yamasonto onke ngoMsombuluko uzwakalise ukukhathazeka ngokunqamuka kukagesi kodwa unikeze izwe ithemba lokuthi kuzoba nokukhanya ekugcineni komhubhe kagesi omnyama.
NgoLwesine, kube nokulokoza kokukhanya ngesikhathi amaphoyisa ethola izintambo zethusi ezibiza izigidi zamarandi endaweni yezinsimbi ezingasebenzi e-Devland ngase-Soweto, eningizimu yeGoli.
Okhulumela amaphoyisa aseGoli, uLieutenant-Colonel Mavela Masondo, uthe amaphoyisa abesebenzisana nezinye izinhlaka zikahulumeni, alusukumele udaba lwamakhebula ebiwe.
“Ngesikhathi sifika endaweni yesigameko sifice inqwaba yamakhebula ethusi egcekeni,” kusho uMasondo. Ngesikhathi amaphoyisa efika, umnikazi webhizinisi ubengekho. “Sithole umphathi wendawo ositshele ukuthi umnikazi akekho.”
Uthe kubizwe abaphakela ugesi ukuze bazohlonza ukuthi amakhebuli atholakele ngawezinkampani zabo yini. “Kufike i-City Power, u-Eskom, i-Prasa, nezinye izinhlaka zikahulumeni endaweni yesigameko.”
Okhulumela i-City Power, u-Isaac Mangena, utshele i-Scrolla.Africa ukuthi izikhwama eziyisikhombisa zamakhebuli zihlonzwe njengezenkampani ngesikhathi u-Eskom, i-Prasa, nezinye izinkampani zikhomba ezabo base bezifaka ezikhwameni eziningi.
UMangena uthe i-City Power izoqinisa ukusebenza kwayo ngokusebenzisana nabomthetho ukuze kuqedwe le nkinga.
“Uma ufuna ukubulala inyoka, kumele uqonde ekhanda. Izindawo zezinsimbi yizona eziphambili enkingeni yokuntshontshwa kwamakhebuli,” esho.
“Ngesikhathi sifuna ukusebenzisana nabo ukuze basisize ukubhekana nale nkinga sibonile ukuthi abanye babo bayingxenye yenkinga.”
UMangena ubonge i-City Power, abakwa-SAPS, abakwa-JMPD, kanye nomphakathi ngosizo lwabo ekubhekaneni nokuntshontshwa kwamakhebula okungagcinanga nje ngokuthi kulahlekisele idolobha izigidi zemali kodwa okudale ukuphazamiseka okungenakulinganiswa kubahlali.
Phambilini umholi womphakathi uThabang Moloi utshele uNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele nethimba lakhe ehholo lomphakathi e-Pimville ukuthi izakhamizi bezigasela ezindaweni okusolakala ukuthi zizitholele inqwaba yamakhebuli elokishini. “Nginamavidiyo azo zonke izindawo namakhebuli esiwatholile,” kusho uMoloi etshela uNgqongqoshe.
Ucele ukwesekwa yiziphathimandla ukuze kuqedwe isihlava sokwebiwa kwamakhebuli.