Kukhalwa ngezinkundla zegalofu eziqeda amanzi

Dylan Bettencourt

Izishoshovu zokushintsha kwesimo sezulu zithukuthele njengoba izinkundla zegalofu zikhululwa enkingeni yamanzi e-France naphezu kwesomiso esinzima.

Bazwakalise intukuthelo yabo ngokugcwalisa izimbobo zegalofu ngosimende.

Izindawo eziningana e-France kuye kwadingeka ukuthi zilawule indlela ezidla ngayo amanzi njengoba isomiso siqhubeka nokucekela phansi iYurophu. Kodwa-ke izinkundla zegalofu ziye zakhululwa kulo mkhawulo.

Iqembu lezishoshovu zokushintsha kwesimo sezulu licekele phansi imigodi yegalofu edolobheni lase-Toulouse, libiza lo mdlalo ngokuthi “imboni yezokungcebeleka yabadla izambane likapondo”.

Uhulumeni usevumele ukuthi ukugeleza kwamanzi kuqhubeke ezinkundleni zegalofu nakuba izigodi ezingaphezu kuka-100 zishoda ngamanzi okuphuza. Izakhamizi azivunyelwe ukunisela izingadi zazo noma khona ukuwasha izimoto zazo kwezinye izindawo.

Kodwa-ke izikhulu zegalofu zithi lezi zindawo zizoba nenkinga ezinsukwini ezintathu uma utshani bunganiselwanga.

“Inkundla yegalofu engenabo utshani ifana ne-ice-rink engenaqhwa,” kusho uGérard Rougier we-French Golf Federation etshela i-France Info.

Imikhawulo yamanzi isebenza ezweni lonke kodwa ukusetshenziswa kwayo kungashintshwa ngokuya komasipala bendawo.

Indawo eyodwa kuphela e-France, i-Ille-et-Vilaine entshonalanga ye-France, evimbele ukusetshenziswa kwamanzi ezinkundleni zegalofu.

U-Eric Piolle oyiMeya yase-Grenoble, uthe ukukhululwa kungesinye isibonelo sokuvikela abacebile.

“Siyaqhubeka ukuvikela abacebile nabanamandla,” esho.

Kunezingqinamba ezithile uma kuziwa ekuniseleni izinkundla zegalofu. Kumele ziniselwe ubusuku bonke ngaphandle kuka-30% wenani elijwayelekile lamanzi.

Kuneminye imifula e-France eyomile, njengoba kumenyezelwe inkinga yombuso ezingxenyeni ezimbili kwezintathu zezwe.

Isomiso sinzima; ezinyangeni ezedlule, imvula yehle ngo-85%.

Umthombo wesithombe: @

Izihloko zakamuva