Kukhalwa ngezinga eliphezulu lokukhulelwa kwabafundi

Elmon Tshikhudo

Isikole sase-Limpopo esikhungethwe yizibalo eziphezulu zabafundi abakhulelwe, sesifuna abazali baphelezele amadodakazi abo akhulelwe ukuya esikoleni nsuku zonke.

Njengamanje isikole samabanga aphezulu i-Edson Nesengani sinabafundi abangu-20 abakhulelwe abazofunda khona, kanti othisha bakhale ngokuthi abanazo izinsiza zokufundisa emakilasini kanye nokunakekela abafundi abakhulelwe ngesikhathi esisodwa.

Ngakho-ke, okwethusa abazali, isikole sibeke umthetho omusha ongakaze ubonwe wokuthi abazali kufanele baphelezele ingane yabo ekhulelwe uma iya esikoleni nsuku zonke.

Abazali bavuke umbhejazane, ikakhulukazi abasebenzayo, batshela isikole ukuthi kufanele baziphilise futhi abanaso isikhathi sokuhlala ngaphandle kwamakilasi usuku lonke begade amadodakazi abo akhulelwe.

Samsung Galaxy 14G

Abafundi abakhulelwe bazophuthelwa yimfundo yabo njengoba umthetho uthi uma abazali benqaba ukuhambisana nomthetho, ingane yabo izobuyiselwa ekhaya.

Ngakolunye uhlangothi othisha bakulesi sikole bathi ababona ababelethisi futhi abanalo igunya lokusiza umfundi uma kwenzeka eteta noma egula ngesikhathi sesikole.

Lesi sikole siphinde saveza ukuthi lo mgomo uzonqanda izibalo zabafundi abakhulelwayo.

Abazali kumele bazigadele izingane zabo ngisho zingakakhulelwa futhi uma sezikhulelwe kumele bazibambele mathupha,” kusho isikhulu esisebenza kulesi sikole.

Abazali abaningi bafunge bagomela ukuthi bazowushaya indiva lo mgomo bethi isinqumo sabaphathi besikole siphambene nomthethosisekelo futhi sithathwe ngaphandle kokuxoxisana nabo.

“Asizange sizithume izingane zethu ukuthi zikhulelwe. Siyafisa ukubona amadodakazi ethu ephothula izifundo zawo ngaphandle kwezihibe,” kusho umzali.

Umzali womfundi okhulelwe uthe uthishomkhulu nekomiti lakhe kumele balubhekisise lolu daba. Abanye bathembise ukuthi bazothatha izinyathelo zomthetho uma isikole singasihoxisi isinqumo saso.

“Ngeke ngiwulandele lowo mthetho futhi abasoze bayixosha ingane yami. Isikole ngizosithathela izinyathelo zomthetho,” kusho omunye umzali.

Ummeli uHermain Nethononda uthe yize isikole singathanda ukubeka lo mgomo kodwa lowo mgomo awukho emthethweni.

“Lo mgomo uyacwasa njengoba uthinta intombazane kuphela kodwa umfana ezobe eqhubeka nezifundo zakhe. Abazali bengafuna usizo lwezomthetho uma izingane zabo zithinteka  kulo mgomo omusha,” esho.

Umthetho wezikole waseNingizimu Afrika uthi akekho umfundi okufanele avalelwe ngaphandle emfundweni yakhe ngenxa yokukhulelwa. Uphinde uthi abafundi abakhulelwe akumele bacwaswe nganoma yiluphi uhlobo.

Isigungu esilawula Isikole sinqabile ukukhuluma ne-Scrolla.Africa.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo e-Limpopo, uTidimalo Chuene, uthe bayawazi lo mgomo futhi isifunda siyawubhekisisa.

Scrolla World Cup Quiz