Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli wezepolitiki
Izingane ezimbili ezisacathula zingase zehlukaniswe amakhilomitha angaphezu kwayizinkulungwane zingazi kodwa zihlangabezane nosizi olufanayo ngokushona komngani omncane emagcekeni esikole.
Isigameko sokuqala esokushona kwengane (3) ngesikhathi ishalofu lezincwadi liwela phezu kwayo enkulisa i-Little Ashford e-Senderwood, ngase-Bedfordview.
Isigameko sesibili ngesengane (4) etholwe isishonile endlini yangasese yomgodi e-Vaalbank Administrative Area, e-Glen Grey, e-Eastern Cape.
Ingane iye esikoleni ngoMsombuluko kodwa ayizange ibuyele ekhaya.
NgoLwesibili ekuseni unina wale ntombazanyana ufike esikoleni esaba kanti lokho abekusaba kuye kwaqinisekiswa.
Okhulumela amaphoyisa uWarrant Officer Majola Nkohli uthe ukuseshwa ngokushesha kwesikole kuholele ekutheni kutholakale okubi kwenye yezindlu zangasese zomgodi zesikole. Isidumbu sengane silandwe ngabakwa-Saps Search and Rescue.
Umbiko wongo-2021 wohlelo lokuphathwa kwengqalasizinda yezemfundo kazwelonke wathola ukuthi izikole ezingu-5,167 zisebenzisa izindlu zangasese zomgodi kanti ezingu-5,836 azinawo amanzi ompompi.
Sekuphele iminyaka eminingi lezi zindlu zangasese zomgodi ziyimbangela yokushona kwezingane.
Ngesonto eledlule e-Perdekop eMpumalanga ingane iye yahlengwa ugogo wayo endlini yangasese yomgodi. Ingxenye yaphansi ayiqinile kahle kanti iye yashelela yawela phakathi.
Ngo-2018 ingane (3) yaminza endlini yangasese yomgodi e-Limpopo. Ngawo lowo nyaka kwaminza ingane (5) endlini yangasese yomgodi esikoleni samabanga aphansi i-Luna, e-Mbizana, e-Eastern Cape.
Ngo-2021 intombazanyana (5) yashonela endlini yangasese yomgodi enkulisa e-Thornwood, KwaZulu-Natal.
Ukushona kukaMichael Komape (5) ngo-2014 esikoleni samabanga aphansi i-Mahlodumela, e-Limpopo kwaphoqa izishoshovu zemfundo ukuthi ziphoqe umnyango ukuthi uzibophezele ekuqedeni izindlu zangasese zomgodi ezikoleni ngonyaka wezimali ka-2022/23.
Uhulumeni wesifundazwe sase-Eastern Cape ubuyisele imali engaphezu kuka-R100 million kuMgcinimafa kaZwelonke ngemuva kokwehluleka ukuyisebenzisa yize ukuthuthukiswa kwengqalasizinda yezikole kusalele emuva.