Kukhalwa ngezigebengu ezizenza abesifazane ezibamba abantu inkunzi 

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Isakhamizi sase-Lower Crossroad sesibe yisisulu sakamuva seqembu labaphangi abahlomile abanohlelo oluhlukile lokugebenga: abazenza abantu besifazane.

Lesi sigameko senzeke ngeSonto ntambama ngesikhathi owesilisa (39) ongadalulwanga igama ehlangana nalaba abathathu.

Bebebukeka njenga besifazane abathathu abebephuze kakhulu utshwala, ngakho ekhathazekile ngokuphepha kwabo wazinikela ngokubasiza.

“Ngiye ngakhululeka ngesikhathi ngibabona futhi akuzange kufike emqondweni wami ukuthi ngizogetshengwa,” etshela i-Scrolla.Africa.

Kusheshe kwamcacela ukuthi usenkingeni.

“Ngesikhathi besondela ngiye ngabona ukuthi akubona abantu besifazane kodwa abesilisa abagqokise okwabesifazane. Bengazi ukuthi kuzokwenzekani ngokulandelayo,” esho.

Abasolwa abathathu bakhiphe imimmese baphuca umlisa imali nomakhalekhukhwini. Lo mlisa ubesabela impilo yakhe wacela ukuthi bengamenzi lutho.

Ngemuva kwalesi sigameko izigebengu ziye zabaleka.

Uthe akazihluphanga ngokubika icala esiteshini samaphoyisa ngoba ubazi ukuthi amaphoyisa ngeke alusukumele udaba. Ukholwa ukuthi ukubika ngalobu bugebengu bekuzomosha isikhathi futhi amaphoyisa ebezomhleka.

Uthe ngeke aphinde awele ogibeni.

UNksz Nontsikelelo Malose (40) ohlala kule ndawo uzwelane nalo mlisa wathi naye useke waba yisisulu sobugebengu obufanayo.

“Ngagetshengwa ngabalisa abathathu ababezenza abantu abadukile bangibamba inkunzi ngesikhathi ngizama ukubasiza,” esho.

Umphathi siteshi sase-Philippi East uColonel Mzwabantu Jada unxuse izakhamizi ukuthi zihambe ziyobika amacala esiteshini samaphoyisa.

“Uma isisulu sifikile ukuzovula icala sangagculiseka ngendlela amaphoyisa awaphethe ngayo amacala azo, zamukelekile ukuzongibona esiteshini.

Esithombeni esingenhla: Indoda yase-Lower Crossroad egetshengwe amadoda abezenza abantu besifazane

Umthombo wesithombe: Buziwe Nocuze

Izihloko zakamuva