Everson Luhanga
Umphakathi wase-Olievenhoutbosch, eGoli usenkingeni njengoba izigebengu zihlukumeza futhi zibulala izakhamizi emini kabha.
Abaholi bathi bahlala kwisizinda sempi lapho okusolwa ukuthi izigebengu zigwaza ziphinde zidubule izakhamizi.
Umholi womphakathi uRobert Kalushi uthe bangu-15 abantu ababulewe ngempelasonto yePhasika kanti bangu-25 abantu abashonile ezinsukwini ezingu-30 ezedlule.
“Bagqekeza izindlu befuna omakhalekhukhwini, omabonakude kanye nemali. Uma umuntu engenakho abakufunayo, bayamgwaza futhi kwesinye isikhathi badlwengula izisulu zabesifazane,” kusho uKalushi.
U-Owen Mabizela uthe impilo yakhe ishintshile ngemuva kokudutshulwa ebuya emsebenzini.
“Ngihlale esibhedlela isikhathi esingaphezu kwezinyanga ezimbili kanti okwamanje ngihamba ngezinduku,” usho kanje.
U-Owen uthe uhlangane nabalisa abathathu abebehamba ngemoto yohlobo lwe-Toyota Corolla emhlophe bafuna imali nomakhalekhukhwini kuye.
“Bengingenayo imali. Bathathe umakhalekhukhwini wami base bengidubula amahlandla amane,” esho.
Esinye isakhamuzi uFire Mbumba uthe unkosikazi wakhe ubesanda kuphuma endlini eya emsebenzini ngesikhathi ehlaselwa yiqembu lezigebengu ngoLwesibili.
“Bamhlasele base bethatha yonke impahla yakhe,” kusho uFire.
Uthe umkakhe usaphuma igazi emlonyeni, emakhaleni kanye nasezindlebeni ngenxa yokuhlaselwa.
USarah Rakgalakane (64), ohola impesheni, ubulawe ngabasolwa abangaziwa ngoLwesibili ebusuku ngesikhathi kugetshengwa umuzi wakhe.
Omakhelwane bathole uSarah eshonile ngoLwesithathu ekuseni.
UKgomotso Kalushi uthe udumele ngokuthi amaphoyisa ebengafuni ukuzothatha izitatimende kofakazi abathole umufi.
“Kudingeke ukuthi sishayele ihhovisi likaNgqongqoshe [wamaphoyisa] uBheki Cele oye washayela umphathi siteshi wangakithi ucingo ukuthi athumele abaseshi ukuthi basisize ngokuvula icala,” esho.
Esinye isisulu salobu bugebengu nguVictor Jampane (40), ogwazwe amanxeba amaningi washonela endaweni yesigameko.
Omakhelwane bakaVictor uJohannes Moshoma kanye noJane Ngwenya bathi izigebengu zihlasele uVictor ngesikhathi ebuya ukuyobuka umdlalo webhola endaweni yokucima ukoma.
UThebe Moagi, ongumholi womphakathi, uthe isiteshi samaphoyisa sase-Olievenhoutbosch asizisizi izakhamizi.
“Baningi abantu asebexoshwe kulesi sikhungo ngaphandle kokuvula amacala,” esho.
Iningi lezisulu zobugebengu ezikhulume ne-Scrolla.Africa nazo zithe zisalinde izinombolo zamacala emaphoyiseni.
UThebe uthe umphakathi uzobhikisha uhambise incwadi yezimfuno esiteshini samaphoyisa ngoLwesihlanu.
Ngesikhathi ethintwa amaphoyisa aseGoli awakwazanga ukuphawula njengoba kusalindwe ukuthi kuqinisekiswe izinombolo zamacala.