Kukhalwa ngezigebengu ezigqekeza enkulisa

Buziwe Nocuze

Ngesikhathi uthishomkhulu wenkulisa i-Luthando Edu-care eKapa efika ngolunye usuku ekuseni, uye washaqeka ngesikhathi ethola ukuthi izigebengu zintshontshe amazambane futhi zapheka ama-chips!

Izigebengu ezilambile kusho ukuthi zikujabulele ukudla kwazo, ngoba ziye zabuya ngobunye ubusuku futhi zazisiza ngokudla kwezingane, zashiya ikhishi lingcolile ngemuva kwalokho.

Uthishomkhulu uBoniswa Mkhosana ukholwa wukuthi noma ngubani owenza lobu bugebengu ufuna ukumbona ewile kodwa uthi ngeke amunike lelo thuba.

Inkulisa eseGugulethu, eKapa iqhele ngekhilomitha kuphela ukusuka esiteshini samaphoyisa kodwa lokho akuzange kuvimbe ukuthi igqekezwe amahlandla ayisithupha ezinyangeni ezinhlanu ezedlule.

Esigamekweni sokuqala, izigebengu zenze ama-chips ngamazambane zachitha amafutha phansi ngaphambi kokuthi zithathe izingubo zezingane zokuthweswa iziqu, izihlalo, amapuleti kanye nezinkezo.

Okwesibili badle idokwe lezingane futhi bashiya izitsha ezingcolile. Bathela irayisi phansi, bathatha amathoyizi baphinde bathatha izihlalo.

UMkhosana akakholwa ukuthi izigebengu ziqonde ukuhlasela iLuthando kodwa empeleni ngumuntu ofuna le ndawo kube ngeyakhe.

“Ngizolinda amaphoyisa ukuthi abambe noma ngubani owenze lokhu, kodwa angikholwa ukuthi izigebengu ezikwenzayo lokhu, kungaphezu kwalokho,” esho.

Uthe ukube bayizigebengu bebezogqekeza kwezinye izindawo.

“Ngempelasonto edlule bafike bathatha izihlalo, izicabha, amatafula, ukudla nesitofu segesi,” esho.

Akekho osaboshiwe ngamacala okugqekeza ayisithupha.

Abantu baphakamise umbono wokuthi uMkhosana avale lesi sikhungo kodwa abazali bezingane ezifunda kulesi sikole bamncengile ukuthi angasivali ngoba kuzoba nzima ukutholela izingane zabo izikole.

Abanye abazali bakhathazekile ngokugqekezwa bathi ngeke bazibuyisele izingane zabo eLuthando ngonyaka ozayo.

“Siyayithanda indlela abaziphatha ngayo izingane zethu kodwa lezi zigebengu zizogcina seziphazamise izingane zethu,” kusho omunye umzali. Ubona sengathi noma ngabe ngubani owenza lokhu uzozama amaqhinga ahlukene uma ebona ukuthi uthishomkhulu akayivali indawo.

UWarrant Officer Joseph Swartbooi ukuqinisekisile ukuthi i-Gugulethu SAPS ivule amacala ayisithupha okugqekezwa kwale nkulisa. Kucelwa noma ngubani ongaba nolwazi nganoma yisiphi isigameko ukuthi ashayele i-Crime Stop ku-08600 10111.

Izihloko zakamuva