
Doreen Mokgolo
Ngesikhathi iqeqebana labahola impesheni bebandla i-Republic Trinity Church Kwa-Thema e-Ekurhuleni lithenjiswa amavawusha okudla ngowesifazane othi usebenzela umasipala babecabanga ukuthi isipho esivela ezulwini.
Kodwa-ke bathola ngokushesha ukuthi babe izisulu zesigelekeqe esingumakade ebona obezama ukubaqola.
Ohola impesheni uZodwa Mabena uchaze ukuthi umsolwa wafika esontweni ngesikhathi behlanza indlu ngenxa yokuthi kuza inkonzo yephasika.
Ubatshele ukuthi usebenzela uMasipala e-Ekurhuleni waphinde wabatshela ukuthi bahambe benikeza abantu abahola impesheni ukudla kwamahhala.
Wabatshela ukuthi ukuze basebenzise amavawusha kwakudingeka ukuthi baye e-Springs Town.
UMabena ubonile ukuthi kukhona okungahambanga kahle ngesikhathi befika enxanxatheleni yezitolo e-Springs Town njengoba labo abazibiza ngabasebenzi bakaMasipala begcizelela ukuthi kumele bapake endaweni edilivayo.
Ubaqinisekisile ukuthi lokhu kuyingxenye yalolu hlelo base bedlulela esitolo esikhulu.
“Ube eseboleka umakhalekhukhwini womunye ukuze ashayele uzakwabo owayephethe amavawusha wasicela ukuthi sigcwalise impahla enqoleni ngesikhathi eyokhuluma nomphathi wesitolo,” kuchaza uMabena.
Kanti bebegcina ukumbona.
Ngemuva kokumbheka kuso sonke isitolo abadala ababili bacela ukukhuluma nomphathi kulapho-ke abavele badangala khona. Umphathi ubatshele ukuthi ngesonto eledlule kufike iqembu labanye lasho okufanayo.
Ubatshele ukuthi baphuthume babuyele endaweni yokupaka izimoto njengoba kungenzeka ukuthi imoto yabo ibiqashwe izigebengu ngesikhathi bephuma njengoba kwenzekile ngesonto eledlule.
“Ngenhlanhla bahlulekile ukungena emotweni njengoba ibikhiyiwe. Sithole izimpawu zokuklwebheka embotsheni kakhiye ezibonisa ukuthi kukhona obezama ukungena,” kuchaza laba abahola impesheni.
Kwesinye isigameko sangoMsombuluko, owesifazane ofana nomsolwa waya emndenini wakwaMahlangu owawushonelwe.
Ukwazile ukuntshontsha omakhalekhukhwini ababili, nemali engu-R2,500 kanye nemoto.
Umama oshonelwe u-Anna Mahlangu uthe uzizwe ekhululekile ngesikhathi lona wesifazane ebanikeza ukudla okuzobasiza ngomngcwabo.
“Wathatha enye imali ebizosebenza ukuhlanganisa umngcwabo.
Okhulumela amaphoyisa ase-Springs uSergeant Themba Shabalala ukuqinisekisile ukuthi baphenya amacala okweba kanti uphenyo luyaqhubeka.