Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Kuphithene amakhanda kosonkontileka abenza umsebenzi wokulungisa imigwaqo yaseVulindlela e-Howick abakhala ngesikhulu soMnyango wezokuThutha ukuthi sigweva nama-inivoyisi nokwenza begcine bengakhokhelwanga.
Lesi sikhulu sisolwa nangokuthi sihlukumeza abasebenzi abaqashelwe ukubheka umsebenzi wosonkontileka ngaphansi koMnyango wezokuThutha nosekwenze abanye bashiya phansi.
“Ngikhuluma nawe nje umphakathi walapha emapulazini aseVulindlela aweneme ukhala ngokuthi umsebenzi wokulungiswa kwemigwaqo uhamba kancane. Inkinga uzoshesha kanjani umsebenzi ekubeni kuphela izinyanga ezintathu singakhokhelwe ngoba uMnuz Mthokozisi Biyela ugweva nama-inivoyisi ethu sigcine singakhokhelwanga,” kuchaza umthombo ocele ukungadalulwa.
Ukuziphatha kukaMnuz Mthokozisi Biyela okuthiwa usehhovisi laseVulindlela e-Howick lo Mnyango wezokuThutha sekumdalele amazinyo abushelelezi kwabanye osonkontileka.
Kukhona inkampani okuthiwa kumanje ifuna ukuwulaxaza umsebenzi ngoba ikhala ngempatho kaBiyela.
Lolu hlelo lokulungiswa kwemigwaqo yaseVulindlela kubalwa ukugundwa kotshani, ukuvalwa kwemigodi, ukuvuselelwa kwemigqa nokunye.
Iningi lezinkampani ezisebenza khona kuthiwa ezosomabhizinisi abasafufusayo abasesigabeni sesishiyagalombili ngokomsebenzi.
Kuthiwa abanye osonkontileka abasazi noma uBiyela ufuna intshontsho yini ngendlela abathi uhlukumezana ngayo.
Kwenzeka lokhu nje kuyakhalwa ngeMinyango kaHulumeni yaKwaZulu-Natal okuthiwa ikweleta osomathenda imali engu-R10 billion engakhokhiwe. Kukhalwa nangokuthi okubuhlungu izikhulu ezisuke zibhekelele uhlelo lokukhokhela abantu zifuna ukuncengwa ngale ndlela yokuthi kuyenzeka esinye uma kuzomele sisayine sivele sigule inyanga yonke singezi emsebenzini noma kuthiwe sithathe iholide.
Lokhu kuthiwa kuyaphambana nokushiwo oNgqongqoshe uma bethi bazophuthumisa intuthuko kubantu ngoba izinkampani ezenza lowo msebenzi zithwaliswa kanzima.
EThintwa uBiyela uthe akulona iqiniso okushiwoyo ngoba uhlelo lokukhokha lusingathwa uphiko lwezimali olusuke lucubungula ukuthi ngabe inkampani iwalethe ngokufanele yini amaphepha adingekayo.
“Kulokhu kokuthi ngihlukumeza abasebenzi abaqashelwe ukubheka umsebenzi akulona iqiniso. Okwenzekayo ukuthi abebekhona kuphele isikhathi sabo bazihambela. Abanye bathole amadlelo aluhlaza njengoNjabulo Mbhele ohambe waya e-Dundee ngoba esethole umsebenzi ongcono,” kusho uBiyela.
Uthe ayikho inkampani exoshwayo kodwa uma ingenzi kahle kubanohlelo lokuyixwayisa.
Imizamo yokuthola ukuphawula koMnyango wezokuThutha ibhuntshile njengoba okhulumela uNgqongqoshe uSiboniso Duma okunguMnuz Ndabezinhle Sibiya ethembise ukubuya kodwa kwashaya isikhathi sokushicilela engabuyanga.
