Afrika ka Mahamba
Umholi womphakathi we-ANC ufuna ucansi kulabo abadinga imisebenzi e-Ga-Rankuwa kuMasipala wase-Tshwane.
Kuthiwa owayengumxhumanisi womphakathi (CLO) uNkume Malesela usecele okungenani abesifazane abane ukuthi benze ucansi naye ukuze abafake kumasipala.
Umholi we-ANC unyuselwe esikhundleni sokuba nguSihlalo we-ANC esigcemeni sika-32.
Ngomhlaka-15 kuNhlolanja owesifazane uye wathumela isikhalo kuKhansela uFloyd Thema ngo-WhatsApp kodwa akuzange kwenziwe lutho. Uthe i-CLO yamnika iphrojekthi yokufaka othayela lapho kwakhiwa khona.
I-Scrolla.Africa siphethe imilayezo ye-WhatsApp.
“Ezinsukwini ezimbili ngaphambi kokuthi ngiqale, uNkume uthe angime uzongthinta. Ube eseqala ukungithumelela imiyalezo efuna ucansi ngaphambi kokuthi angifake emsebenzini,” esho.
Uthe uye wanqaba kanti inkontileka ibe isinikwa omunye umuntu.
Kwenye yezingxoxo zaku-Whatsapp lona wesifazane ubuze wathi: “Ngiqala nini ukusebenza? Usunqume ukuthi ngiyosebenza kuphi?”
I-CLO iphendule ngokuthi: “Sizokwenza ucansi kusasa. Salakahle, sizobonana kusasa. Hlobo luni lwejazi lomkhwenyana oluthandayo?”
Isisulu sitshele i-Scrolla.Africa ukuthi umholi akathinteki futhi wazana nabantu abasezikhundleni eziphezulu ngakho usebenzisa isikhundla sakhe ukubukela phansi abesifazane
“Wazi kahle ukuthi akekho ongamthinta. Ngiye ngambika kodwa kunokujeziswa uklonyeliswe ngesikhundla esiphezulu,” kusho lo wesifazane.
Lona wesifazane uthe ubesevele eqashe abantu abayishumi ukuthi baqale umsebenzi nokuthi ubabhalise eMnyangweni wezabaSebenzi.
Uthe ubengasebenzi ngakho uthathe imali abeyigcinile waboleka u-R5 000 ukuze athenge izinto zokusebenza.
“Ngilahlekelwe cishe u-R9 284 futhi angitholanga ngisho isenti,” usho kanje.
Omunye wesifazane wakule ndawo uthe ubefuna ukusebenza esakhiweni kodwa i-CLO yathi badinga ubusuku obubodwa nje e-BnB yendawo ukuze baxoxe ngebhizinisi ngesikhathi benza ucansi.
“Ungitshele ukuthi ngingakhathazeki ngoba unazo zonke izinhlobo zejazi lomkhwenyana futhi uzoba mnene. Ngiye nganqaba wabe eseqala ukuziba izingcingo zami,” echaza.
IKhansela uThema ukuphikile ukuthi uyibonile imyalezo ye-WhatsApp yize kunophawu oluluhlaza okwesibhakabhaka olukhomba ukuthi uyifundile le miyalezo.
UNkume ukuphikile ukuthi uke wacela abesifazane ucansi ukuze bathole umsebenzi.
“Ngenxa yokuthi sikwipolitiki abantu abaningi bangazama ukungisusa esikhundleni. Ngeke ngisakunaka lokhu,” usho kanje.
Okhulumela i-ANC esifundeni sase-Tshwane uBafuzi Yabo uthe bebengazi ngezinsolo ezibhekiswe kuSihlalo wesigceme sabo.