Kukhalwa ngesihlava sokubulawa kwabantu bacwiywe izitho zomzimba eZim 

Lubhalwe nguDalphine Tagwireyi

Ukubulawa kwabantu  kuyadlondlobala e-Zimbabwe futhi kushiye izakhamizi zisovalweni. Linyuke kakhulu izinga lokubulawa kwabantu ezweni lonke njengoba izisulu zitholakala zicwiywe izitho zomzimba.

Ngesonto eledlule uFaith Musonza obesebenza e-Spar Zimbabwe e-Harare utholwe ebulewe ekhishwe izingono neminwe.

Umyeni wakhe uFradreck Chasara uthe akazi ukuthi uzolulama kanjani.

“Bengishaqekile. Ngibone umkami elele edamini legazi izitho ezithile zomzimba zingekho. Lokhu kungiphazamise kakhulu,” esho.

Abelaphi bendabuko abangathembekile bakhohlisa amakhasimende angaqaphile ekucabangeni ukuthi engaceba futhi awine ukhetho ngegazi labantu ngokwenza imihlatshelo ngezitho zomzimba.

Okhulumela amaphoyisa ongumsizi kaKhomishana uPaul Nyathi uthe amaphoyisa asebenza ubusuku nemini ukunqanda ukwanda kwamacala okusolakala ukuthi kubulawa abantu ukuze kwenziwe imihlatshelo. Lokhu kwenzeka kulo lonke elase-Zimbabwe.

Banxuse ukuthi onolwazi olungasiza ekuhlonzweni kwesidumbu sowesilisa otholakale e-Mutare ngeSonto ocuywe indlebe, umunwe, unyawo lwesokudla kanye nentende ukuba athinte amaphoyisa

Kwesinye isigameko isidumbu sikaTakesure Samwari (21) sitholwe enkabeni yedolobha lase-Zimbabwe i-Kadoma ngoMasingana. Iminwe yakhe ecuyiwe ibilahlwe kujantshi wesitimela yagxotshwe isitimela.

Umfowabo uTalkmore uthe obulale umfowabo wamshaya ngento ebukhali ekhanda. Ukholelwa ukuthi izitho zomzimba ezilahlekile zikhombisa ukuthi ubulawelwe ukuyokwenza umhlabelo ngaye.

Kwezinye izigameko intombazanyana (5) yaseNyanga esifundazweni sase-Manicaland itholakale icwiyiwe, kanti eNyamandlovu e-Matabeleland North kutholakale isidumbu sowesilisa (21).

Umphathi we-Zimbabwe National Traditional Healers Association (Zinatha) uMusa Chinunga uthe labo abathintekayo ngabelaphi bendabuko abangahambisani nenhlangano yabo.

“Silapha ukusindisa izimpilo zabantu, hhayi ukubulala abantu. Kuyadabukisa kakhulu, kodwa ngenxa yezizathu eziningi ukubulala abantu ngenxa yezitho zabo zomzimba akwamukeleki. Ngeke sikuvumele lokho,” esho.

Esithombeni esingenhla: UFaith Musonza otholakale ebulewe ecuywe izitho zomzimba

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva