Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
I-DA iphonsa inselelo kuHulumeni waKwaZulu-Natal ukuba usungule ngokushesha ithimba eliyisipesheli elizobhekana nokukhulelwa kwabafundi okuthusayo.
Ngokombiko wePhakama Digest kuvele ukuthi zingaphezulu kuka-31 000 izingane zesikole ebezikhulelwe ngonyaka ka-2024.
Kulezi zingane kuvela ukuthi zineminyaka ephakathi kwengu-10 kuya kwengu-19 ubudala.
UNkk Shontel de Boer weDA eSishayamthetho saseKZN uthe inhlekelele lena okubhekenwe nayo.
” Kumele uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi usungule ithimba eliyisipesheli ukuba libhekane nalenkinga yokukhulelwa kwabafundi ezikoleni,” kusho uNkk de Boer.
Uqhube wathi okunye ukuthi amaphoyisa kumele abophe laba abakhulelisa izingane ezincane.
Uthi yibo kanye laba abadala le nkinga ngoba ezinye zisuke zidlwenguliwe.
Phambilini kuvele ukuthi isikhathi esiningi izingane zesikole zikhuleliswa abantu abadala.
UNkk de Boer uthi beyi-DA bazokwenza isiqiniseko sokuthi uPhiko lwezokuShushisa liyawalandelela amacala abantu abalala nezingane ezincane.
Umbiko uveza nokuthi izingane eziphakathi kweminyaka engu-10 kuya kwengu-14 zibeletha usuku nosuku.
IDA ithi kufanele izifundo zocansi zifakwe kuzona zonke izikole eKZN ngoba sekuyavela ukuthi inqwaba yezikole ayikazenzi lezi zifundo ezinganeni.
