Kukhalwa ngempi yamakhempu kaHlabisa noNtuli ku-IFP kubhuntsha ukuqokwa kwephini le Meya

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Kusolwa ukungezwani kwamakhempu e-IFP oThukela, KwaZulu-Natal nokuholele ekutheni kubhuntshe isigubhukane ukuqokwa kwephini le Meya osekuyophela unyaka wesibili lingekho.

Namhlanje ekuseni bekuhlelelwa umhlangano oyisipesheli woMkhandlu kamasipala uThukela obuzohlala ngehora lesithathu ntambama ukuze kukhethwe uSihlalo we-IFP oThukela uMnuz Mbuzeleni Cyril Mkhize ukuba iphini le Meya.

Kuthe kuyishaya ihora lesishiyagalolunye ekuseni (9 am), uSomlomo uNksz Thembelihle Nqubuka wathumela ncwadi eninomugqa owodwa ethi umhkangano awusekho.

“Siyaxolisa ukunazisa ukuthi umhlangano woMkhandlu ophuthumayo obuzohlala ligamenxe ihora lesithathu namhlanje ntambama usubhuntshile,” kusho uNksz Nqubuka.
Kuthe kusenjalo kwavela umyalelo wokuthi uMeya woMkhandlu okuyiNkosi uNtandoyenkosi Shabalala umatasa uyobona umphakathi onenkinga yamanzi kuward 15.

Amakhansela e-IFP abedinwe eveva atshele iScrolla.Africa ukuthi kushawa uMkhize ngamabomu ngoba labo abangama Tripple K bamlwisela ukuthi uhamba noMengameli weqembu uMnuz Velenkosini Hlabisa.

I-IFP ihlukene kabili oThukela njengoba inamakhempuangabhekani okungama -AU ahamba noHlabisa bamaTripple K ahambisana noMnuz Thami Ntuli onguNdunankulu waseKZN.

“Kade bamuqala uMkhize yize asebenza kanzima ukubuyisa i-IFP emandleni oThukela. Ngo-2021 kwakufanele angene abeyiMeya kodwa lezi zamaTripple K zamvala. Empeleni kwavalwa bonke abahamba noHlabisa ukuba babeyiziMeya njengoba kusenzeka namanje. Sisenkingeni futhi ngempela uma uHlabisa noMkhuleko Hlengwa besiyekelela kanje, kuyacaca ukuthi sozoba ukudla kwezingwenya zamaTripple K kuze kuyobaphakade,” kubalisa omunye umholi.

Isikhala sephini le Meya kuthiwa sasala dengwane ngonyaka owedlule ngesikhathi i-EFF igqabula igoda ne-IFP yalaxaza nesikhundla sephini le Meya.

Izihloko zakamuva