Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
Sekwakhiwe imijondolo engekho emthethweni elinganiselwa ku-100 phezu kwengxenye yamathuna ase-Lujiza e-Duncan Village, e-East London.
Imindeni yabantu abangcwatshwe emathuneni icela usizo ngemuva kokuthi izakhamizi zakhe imijondolo phezu kwamathuna abathandiwe bayo.
Phakathi kwamanye amathuna, kungcwatshwe abagilwa abangu-23 abashona esibhicongweni sase-Duncan Village Massacre, ababulawa mhlaka-11 kuNcwaba ngo-1985 ngemuva kokuhambela umngcwabo wesishoshovu samalungelo abantu uVictoria Mxenge e-Qonce (ebiyaziwa ngeKing Williams Town ngaleso sikhathi).
Sekunesikhathi eside imindeni idonsa kanzima ukuthola amathuna ezihlobo zayo ngoba emathuneni kugcwele utshani obude obungasikwa.
ULonwabo Yiliwe, umqondisi wophiko olubhekele amalungelo abantu kanye nabadukile kuHulumeni wase-Eastern Cape, uthe imindeni ibifuna usizo.
Ngemuva kokuhambela amathuna lolu phiko luthole ukuthi imijondolo ayakhiwe phezu kwamathuna nje kuphela kodwa isetshenziselwa ubugebengu.
“Imijondolo iholele ezenzweni eziphambene nomthetho njengokushiswa kwamakhebula e-copper [izintambo] nokusebenzisa izidakamizwa, okwenza izinto zibe nzima kakhulu. Siphinde sabona ukuthi amanye amathuna asetshenziswa njengendawo yokulahla udoti njengopulasitiki, amanabukeni nenye imfucuza,” kusho uYiliwe.
Eminye imindeni manje icabanga ukuthutha izinsalela zabathandiweyo bayo bazise kwamanye amathuna.
“Lezi zenzo zikhombisa indelelo, ikakhulukazi emasikweni ase-Afrika, lapho kubaluleke kakhulu ukuhlonipha umufi,” kwengeza uYiliwe.
Lolu phiko luhlela ukuvulela labo abakhe imijondolo emathuneni icala lobugebengu.
Okhulumela uMasipala wase-Buffalo City, uSamkelo Ngwenya, uthe lolu daba seludluliselwe eminyangweni eyahlukene nokungase kuholele ekutheni kuthathwe izinyathelo zomthetho.
“Umasipala ukugxeka kakhulu ukudliwa komhlaba ngokungemthetho. Kuphazamisa nakakhulu uma lo mhlaba okukhulunywa ngawo kuthiwa uyindawo yamathuna, okuyindawo engcwele okumele ihlonishwe.”
Uqhube wathi umasipala uzophinde uxoxisane namakhansela amawadi athintekayo ukuze uthole kabanzi ngalolu daba bese uthatha izinyathelo ezifanele.
Esithombeni esingenhla: Eminye yemijondolo eyakhiwe eduze kwamathuna.
Umthombo: Uthunyelwe