Kukhalwa ngeDA engenzi kahle kowaseTshwane

Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli wezepolitiki

Uma i-DA ikholwa ngokweqiniso ukuthi yona ingcono kune-ANC incazelo yayo yokuba iqembu elihle neliphendulayo kumele kuzwakale yonke indawo lapho ebusa khona.

Futhi nalapho amakhansela kanye nezimeya zayo abehluleka khona ukuhlangabezana neziqindiso zayo ubuholi obuphezulu kufanele bungenelele.

Ukwehluleka ukwenza lokhu kukhombisa ukuthi leli qembu alihlukile kangako kune-ANC.

Bheka umasipala wase-Tshwane njengesibonelo. Lo masipala ube sezandleni ze-DA kusukela ngo-2016 kanti uCilliers Brink ube imeya yesine ye-DA eminyakeni eyisikhombisa.

Samsung Galaxy 14G

Kodwa selokhu bathatha izintambo umasipala ubulokhu ukhungethwe izinkinga. Umholi we-DA uMnu John Steenhuisen akabonakali ukuzophendula kubavoti abakhetha iqembu lakhe kulo masipala onesabelomali sika-R47 billion.

Yize uMnyango kaMgcinimafa kaZwelonke uphethwe i-ANC uvule wavula izandla eminyakeni eyisikhombisa edlule uma umuntu ecabanga ukuthi iMeya yokuqala ye-DA uMnu Solly Msimanga wethula isabelomali sika-R4.5 billion ngo-2016.

Namuhla leli qembu lino-R46.9 billion wokuqinisekisa izakhamizi zase-Tshwane ukuthi lingenza kangcono kune-ANC.

Ngebhadi alenzanga kahle kuze kube yimanje futhi umcwaningimabhuku jikelele uhlabe umkhosi ngo-R10 billion osetshenziswe ngendlela engafanele yilo masipala.

Ngakho-ke, akukhona ukushoda kwemali e-Tshwane okuholele ekutheni lo masipala wehluleke ukuletha izidingo kubantu kodwa ukungaphathwa kahle kwezombusazwe kukamasipala.

Njengoba isibalo sabashonile ngenxa yokuqubuka kwesifo sohudo sifinyelele kubantu abangu-20 ngoLwesine kuyacaca ukuthi ukonakala kokubusa kukamasipala akuhlangene nemali.

Njengoba kuqubuke lesi sifo imeya uBrink umemezele ngokushesha izinhlelo zokuphonsa u-R450 million kule nkinga wathi u-R150 million ozotholakala ngokushesha.

Lokhu ukwenza njengoba omunye u-R295 million obekuhloswe ngawo ukuthuthukiswa kwesikhungo sokuhlanza amanzi angcolile e-Rooiwal namanje kungaziwa ukuthi ukuphi futhi kuwudaba oluhamba phambili ophenyweni olwenziwa i-Special Investigating Unit (SIU).

Inkontileka yanikezwa isicebi sendawo esingundabamlonyeni u-Edwin Sodi owashiya lo msebenzi ngo-2020.

USodi ubekwe icala kanye nowayenguNobhala we-ANC u-Ace Magashule ngethenda ka-R250 billion ye-asbesto eyakhishwa uhulumeni wase-Free State ngesikhathi uMagashule esanguNdunankulu.

Umbiko wokugcina weKhomishana kaZondo uveze uSodi njengomunye owenze izinkokhelo ezahlukene ukuze “akwazi ukufinyelela, avikeleke aphinde agcine ukuxhumana nabantu abambalwa kuhulumeni wesifundazwe nokazwelonke.”

Inkontileka kaSodi bekungeyesigaba sokuqala sokufakwa kwezimali ka-R2 billion owamenyezelwa umasipala ngo-2019 ukuze kulungiswe lesi sikhungo bese kushintshwa amapayipi amanzi agugile.

Okhulumela i-SIU uKaizer Kganyago ukuqinisekisile kuleli sonto ukuthi uphenyo lokuqala ngenkontileka kaSodi lukhombisa ukuthi kunobufakazi obanele obugunyaza ukuthi kube nophenyo olusemthethweni mayelana nalo lonke uhlelo lokukhishwa kwenkontileka.

Abaholi be-DA bathule namanje futhi abasiboni isidingo sokuyokhuluma nesifunda sabo e-Hammanskraal.

Esithombeni esingenhla: Umholi we-DA uJohn Steenhuisen ekhankasa eThekwini ngaphambi kokhetho lokuchibiyela e-Chatsworth

Scrolla World Cup Quiz