Kukhalwa nge-ANC esebenzisa izinsiza zikahulumeni ukukhankasela iqembu

Lubhalwe nguZukile Majova

Angeke usolwe ngalutho uma ucabanga ukuthi umuzi oselokishini laseNtuzuma, eThekwini osesithombeni esingenhla wakhiwe yi-ANC.

Lo muzi ungomunye wezindlu ezintathu ezisanda kunikezelwa emindenini entulayo.

Bekuphephezeliswa amafulegi e-ANC, ngisho izikhulu zikamasipala weTheku bezigqoke izingubo ze-ANC ukuze zinikeze izindlu ezakhiwe ngemali yabakhokhi bentela.

Lokhu abakwenzayo kuyitulo le-ANC lokufuna ukuqinisekisa abavoti, kodwa bayahluleka ukuhlukanisa phakathi kokusebenzisa izinsiza zeqembu nezombuso.

I-DA emkhandlwini isola iNhloko yoMnyango weZindlu uLawrence Pato ngokunika i-ANC igunya lokusebenzisa izinsiza zikamasipala.

Ikhansela le-DA uZamani Khuzwayo nguyena ohola lezi zinsolo, uthi “amaqabane” aphazamise umcimbi kahulumeni ngoMgqibelo.

KuMasipala wase-Escourt obekubhekwe ngabomvu umcimbi kahulumeni kudingeke ukuthi uhoxiswe waphenduka impi phakathi kwabalandeli be-IFP ne-ANC.

I-IFP isole inhloko yoMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uMnuz Lindokuhle Xulu ngokususa udlame ngokuphendula umcimbi wombuso umhlangano we-ANC.

Ngalolo suku, mhla ziyishumi kuNhlangulana uNgqongqoshe kaHulumeni Wokubambisana Nezindaba Zomdabu uBongiwe Sithole-Molo kwakufanele anikeze amathangi kaJoJo, amathangi amanzi, i-honeysucker kanye nokufakwa kukagesi osheshayo endaweni yasemakhaya eNhliwe ngaphandle kwase-Escourt.

Kusetshenziswe izimoto ebezihlotshiswe ngophawu lwe-ANC ebezinezipikha ukugqugquzela abantu ukuthi baye emcimbini okushiya abalandeli be-IFP bezibuza ukuthi ngabe lo mcimbi usengokahulumeni yini.

E-Gauteng, i-ActionSA iphakamise ukuthi ubhekwe ngeso lokhozi umkhankaso kaNdunankulu uPanyaza Lesufi weNasi Isipani, ngemuva kwezinsolo zokuthi bebefuna ukuqasha amavolontiya e-ANC ngaphambi kokhetho lwango-2024.

ULesufi, oseqashe onogada bamaphoyisa abangu-6 000 kanye “nabazoqinisekisa ukuthotshelwa kwemvelo” abangu-6 000, manje ufuna ukuqasha abafaka ama-solar panel abangu-6 000.

I-ActionSA ithe ikhathazeke kakhulu ngohlelo lukaLesufi lokuvala izikhala ezingenamuntu ezingu-8,000 kuzo zonke izikhundla zikahulumeni e-Gauteng.

Ngomhlaka-16 kuNhlangulana, izinkulungwane zentsha engasebenzi zime ulayini zizofaka izicelo zomsebenzi emcimbini we-ANC e-FNB Stadium.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva