Kukhalwa ngamasela antshontsha  amakhebuli kagesi ezibhedlela 

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Amasela amakhebuli kagesi e-Eastern Cape ahlasela izibhedlela zikahulumeni – kanti isibhedlela sakamuva esihlaselwe iDora Nginza, eNelson Mandela Bay nokuyinto eshiye abasebenzi balesi sikhungo neziguli besenkingeni. Lokhu kuphoqe isibhedlela ukuthi sisebenzise I-generator. 

Isimo sike sanzima kakhulu ngesikhathi kuphela udizili emini ngoMsombuluko. 

Okhulumela uMnyango wezeMpilo esifundazweni uSizwe Kupelo uthe: “Ukuqinisekisa ukuthi izinsiza ezibucayi azithikamezeki, uMnyango wezeMpilo e-Eastern Cape wenze isiqiniseko sokuthi akhona amajeneretha ukuqinisekisa ukuthi izinsiza ziyaqhubeka.

“Umnyango ungakuqinisekisa ukuthi abekho abantu abashonile ngenxa yokuphazamiseka kokuxhunywa kukagesi. Ukwebiwa kwamakhebula kuyisigameko sakamuva sokucekelwa phansi kwempahla ezikhungweni zezempilo zikahulumeni.”

IDora Nginza akusona isibhedlela sokuqala ukuhlaselwa amasela amakhebuli – ezinye ezintathu bezilokhu zihlaselwa kusukela ngoLwezi nyakenye.

Esibhedlela saseMdantsane, iCecilia Makiwane, e-East London iziguli nezidumbu kudingeke ukuthi ziyiswe kwezinye izibhedlela ngemuva kokuthi ukwebiwa kwamakhebula kuphazamise ukusebenza kulesi sikhungo ngoLwezi.

Kuphinde kwamiswa ukusebenza esibhedlela i-Dordrecht ngemuva kokwebiwa kwamapayipi ethusi kanye nasesibhedlela i-Port Alfred’s Marjorie Parrish TB naso esisale ebumnyameni ngemuva kokwebiwa kwamakhebuli kagesi.

UNgqongqoshe wezeMpilo e-Eastern Cape, uNomakhosazana Meth ukugxekile ukucekelwa phansi kwempahla nokweba.

“Sicela imiphakathi ukuthi izivikele lezi zikhungo ngoba zikhona ukuzozisiza,” kusho uMeth.

“Akukwazi ukuthi izikhungo zethu kanye nabasebenzi bezempilo bahlaselwe izigebengu.”

Esithombeni esingenhla: Isibhedlela iDora Nginza e-Gqeberha.

Umthombo wesithombe: Anita Dangazele

Izihloko zakamuva