Kukhalwa ngamaqembu ezigelekeqe ezikoleni ahlalisa abafundi lubhojozi

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Izigelekeqe ziyabusa emagcekeni esikole empumalanga ye-Ekurhuleni. Abafundi baphoqeleka ukuthi bahloniphe amalungu ezigebengu noma bathole isijeziso esibuhlungu.

Lokhu kushiwo ikhansela laku-ward 86 uNsizwa Mekgwe ophinde abe umholi wephrojekthi i-Saturation Patrol esungulwe ezikoleni ezahlukene endaweni.

Ngesikhathi besesha esikoleni bathole isibhamu, imimese, izidakamizwa nezinto zokujova.

UMakgwe uthe la maqembu ezigebengu ayehluka. Kukhona i-Tokyo, i-Japan naMabutho (Zulu). Amarussia (Lesotho) kuthiwa ihlobene nokumbiwa kwezimayini ngokungemthetho.

Abafundi abangamalungu alamaqembu bahloma ngezibhamu, imimese, izinduku kanye nezinye izikhali.

Bakholwa ukuthi bavikelwa ibhande lesikhumba eliwumuthi abalithenga enyangeni kuyo le ndawo.

UMegwe uthe kusolakala ukuthi la malungu adayisa izidakamizwa emagcekeni esikole.

Abafundi baveze ukuthi bayajova baphinde babheme i-nyaope ne-crystal meth ezindlini zangasese emagcekeni esikole.

UMekgwe utshele i-Scrolla.Africa ukuthi lezi zigelekeqe ziphuma ezikoleni zokusoka ezingekho emthethweni lapho abafana abathunjwa khona baphoqwe ukuthi basoke bese befakwa kulo mkhuba wokubhema izidakamizwa.

“Baphoqeleka ukuthi babe ngamalungu ezigelekeqe ukuze baqhubekisele phambili ukusebenza kwamaqembu ezigebengu esikoleni nasemphakathini,” esho.

UMekgwe wengeze ngokuthi balwa nezidakamizwa ezikoleni futhi basazoqhubeka nokusesha ukuze baqinisekise ukuthi amagceke esikole aphephile ukuze kuqhubeke ukufundisa nokufunda.

Umfundi ocele ukuthi igama lakhe ligodlwe ukuze avikelwe uthe ukuba yingxenye yalezi zigelekeqe kusho ukusabisa abafundi, ukubagebenga kanye nokuvikela amalungu eqembu uma ehlaselwa ngelinye iqembu lezigelekeqe.

“Kaningi kufanele siye ezikoleni ezingomakhelwane ukuze siyovikele igama leqembu lethu. Uma sibizwa kufanele siphendule ngokushesha ukuze sivikele amalungu eqembu lethu.”

Okhulumela amaphoyisa aseDuduza uSayitsheni Noluthando Mahlangu ukuqinisekisile ukuthi baphenya icala lokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni.

“Umfundi osemncane udedelwe ukuze anakekelwe abazali bakhe kanti uphenyo lusaqhubeka,” esho.

Esithombeni esigenhla : Umfundi weqembu lezigelekeqe ekhombisa ibhande lakhe elisengalweni

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva