Doreen Mokgolo
Isikole samabanga aphansi i-Geluksdal e-Brakpan, e-East Rand sivalwe abazali befuna ukuthi izingane zifundiswe endaweni ephephile.
Amagceke esikole asethathwe amaqembu amathathu ezigelekeqe ezahlukene ngokwebala. Kuneqembu labafundi abamnyama elibizwa ngokuthi Izinja kanye namaqembu amabili amaKhaladi i-Boef kanye ne-Guydo.
Izimpi phakathi kwamalungu ezigelekeqe yinto evamile emagcekeni esikole uma ilungu leqembu elithile lidale umonakalo.
Kusukela ekuqaleni kwanyakenye, angaphezu kwekhulu amacala okuqondiswa kwezigwegwe abikiwe kulesi sikole.
Amacala abesukela ekuziphatheni okubi, ukulwa, ukudayiswa kwezidakamizwa kanye nezikhali ezingekho emthethweni ezitholakala kubafundi ngaphakathi emagcekeni esikole.
Esontweni eledlule kutholwe isibhamu kumfundi ngesikhathi amaphoyisa egasela esikoleni.
Lesi sikole esinedumela elibi abantu bendawo basibiza njengenguquko yangempela ye-Supatsela, isikole esiqanjwa emdlalweni we-Yizo Yizo.
Umfundi wakulesi sikole onqabile ukuthi kudalulwe igama lakhe ukuze aphephe utshele i-Scrolla.Africa ukuthi kuvamile ukubona abanye abafundi bedayisa futhi bedla izidakamizwa ekilasini.
“Asikwazi ukubika lokhu kothisha ngoba sisaba amalungu ezigelekeqe,” esho.
“Bayingozi futhi baphatha izikhali. Bayazi ukuthi ngeke sibabike.”
Kusolwa nokuthi abafundi benza ucansi emakilasini uma sekuphuma isikole.
NgoLwesihlanu abazali abebethukuthele begane unwabu bavale amasango esikole befuna kukhishwe uthishomkhulu kanye namalungu esigungu esilawula isikole.
Amasango esikole asale ekhiyiwe kanti lokho kuphazamise izivivinyo zokuqala eziqhubekayo.
Umholi womphakathi uDevon van Wyk ufuna ukuthi izingane zabo zifundiswe endaweni ephephile.
“Sifuna wonke amaqembu ezigebengu aphume ezikoleni zethu ukuze kuzoba nendawo yokufunda ephephile,” esho.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo eGoli, uSteve Mabona ukuqinisekisile ukuthi angaphezu kwekhulu amacala okuqondiswa kwezigwegwe athinta abafundi kulo nyaka.
UMabona uthe ngenxa yokuqhubeka kwemibhikisho umnyango awukwazanga ukufika kule ndawo.
“Sizokwenza izinhlelo zokuthi abafundi abathintekile babhale izivivinyo zabo zokuqala,” esho.