Kukhalwa ngamaciko angabathathi  omasingcwabisane

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Umculi wezokholo uSinky Mathe uthi abaculi abadonsa kanzima abazimisele ngokuhlelela ukushona kwabo – yingakho engene emkhakheni womasingcwabisane.

Ibhizinisi lakhe selinonyaka lisebenza, kodwa uMathe uthi akakwazanga ukuncenga ozakwabo ukuthi bathathe imigomo ezobenza bangcwatshwe ngesizotha.

“Abanye abaculi kuze kunikelwe ngezimali ukusiza umndeni oshonelwe ukuze ukwazi ukukhokhela umngcwabo ohloniphekile – into abebengayigwema, ukube umufi ubehlele kangcono,” kusho uMathe.

“Okubuhlungu ukuthi nanamuhla bakhona abaculi abangakabi nawo umasingcwabisane futhi uma ngibakhuthaza ukuthi bathathe imishwalense ngemali engu-R80, bathi abanayo.”

Lo mculi uthi sekuyisikhathi sokuthi abaculi bafunde emlandweni walabo abake baba phezulu kodwa imindeni yabo engazange ikwazi ukubangcwaba ngesizotha.

“Asikwazi ukuthembela ekuqopheni izingoma ukhokhela imingcwabo yethu – yiba nalowo mshwalense owodwa owaziyo ukuthi ukhona noma ngabe umculo uyakujikela.”

UMathe umatasa necwecwe lakhe lika-15 lo mculo elizophuma ngoNhlaba.

Esithombeni esingenhla: Umculi wezokholo uSinky Mathe.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva