Kukhalwa ngabafuyi abaphakela izinkukhu imishanguzo yobhubhane

Lubhalwe nguDalphine Tagwireyi

Abafuyi bezinkukhu base-Zimbabwe basolwa ngokupha inkukhu zabo imishanguzo yokuthithibalisa igciwane lengculaza (ARV) ukuze zikhule masinyane kanye nokuzijova ngemijovo yabantu uma zigula.

Lo mkhuba ongagunyaziwe uphakamisa ukukhathazeka kongoti.

Umfuyi wezinkukhu e-Waterfalls, e-Harare, uTendai Hwamanda utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ubone umngane wakhe ekhiqiza izinkukhu eziningi e-Masvingo.

“Ngimbuze imfihlo yebhizinisi lakhe lokufuya izinkukhu wangitshela ukuthi uphakela izinkukhu zakhe i-starter mash exutshwe nama-ARV ukuze izinkukhu zisheshe zikhule,” esho.

“Bengingazi ngemiphumela emibi empilweni yomuntu. Ngesikhathi ngifika e-Harare ngisebenzise leli qhinga futhi imiphumela ibimihle. Sengidayise izinkukhu ezingaphezu kwezinkulungwane ezimbili kuze kube manje futhi ngisaziphakela ama-ARV. Abantu bancamela ukuthenga izinkukhu ezinkulu.”

UHwamanda uthi uye washaqeka ngesikhathi ezwa ukuthi indlela yakhe engajwayelekile ingase ibe nomthelela omubi.

“Uma lokho kuyiqiniso nami ngiyisisulu salokhu ebengikwenza. Manje sengicabanga ukuphakela izinkukhu ukudla kwazo ngoba nathi siyazidla,” engeza.

Omunye umfuyi wezinkukhu wakule ndawo uthe ukuntula ulwazi longoti okuholele ekutheni afake imishanguzo yokuthithibalisa igciwane lengculazi ekudleni kwezinkukhu zakhe.

“Ngesikhathi ngisebenzisa lolu hlelo inzuzo yami iye yaphindeka kathathu. Ngihlinzeka izitolo ezinkulu, amabandla kanye nomphakathi kodwa bengingazi ukuthi kuyingozi,” esho.

Umphathi omkhulu we-Harare Institute of Public Health, uDr Amos Marume utshele i-Scrolla.Africa ukuthi abafuyi bezinkukhu basebenzisa ama-ARVs  nama-antibiotics ukuthuthukisa ukukhulisa hhayi izinkukhu kuphela kodwa nezingulube.

“Kunombono wokuthi lokhu kuvimbela izifo ezibangelwa amagciwane kanye nezifo ezilwaneni kodwa ukusetshenziswa kabi kwemishanguzo yegciwane lengculazi kuyingozi kakhulu. Kunesidingo sokuthi abafuyi bazi ukuthi kuholela ekutheni abantu bangazweli emithini,” esho.

“I-Sub-Saharan Africa ayikhiqizi ama-ARV amasha futhi asikwazi ukuba nezinhlayiya zegciwane elingazweli emishanguzweni esetshenziswa ngabantu. Lokhu kuba nemiphumeleni emibi kakhulu. 

Esithombeni esingenhla: Indawo yokufuya izinkukhu

Umthombo wesithombe: sithunyelwe

Izihloko zakamuva