Kukhala umphakathi ngokubulawa kukathisha obehlonishwa futhi ewusizo

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Abantu basakhexe imilomo kulandela ukubulawa ngesihluku kukaSeraka Council Mogoswane, obeyinhloko yesayensi esikoleni samabanga aphezulu e-Unity eDaveyton e-East Rand.

Abaningi abebemazi bamchaze njengomuntu obehlanganisa umphakathi, obenakekela abafundi bakhe, ozakwabo kanye nabantu abaningi baseDaveyton.

Ubehlezi elwela ukuletha ubumbano esikoleni sakhe, walwa nokuphathwa kabi kothisha futhi wamela ozakwabo ngisho nalapho kwakusho ukunyathela abantu abanamandla.

UMogoswane (49) udutshulwe amahlandla ayisishiyagalombili ekhanda abesilisa ababili abebehlomile ngaphandle kwethaveni eDaveyton ngoLwesihlanu olwedlule ebusuku ngemuva kokuthi kade ehlangene nabangani bakhe.

Usanda kuqokwa njengenhloko yomnyango wesayensi esikoleni futhi usebenza njengomphathi omele iSouth African Democratic Teachers Union.

“USeraka walwela ukuthula kwabasebenzi,” kusho umngani wakhe omkhulu nozakwabo uThabo Mohoto.

“Uma ozakwabo bebhekana nezinselela emsebenzini babexhumana naye ukuze bathole izeluleko ngaphambi kokukhuluma nabanye abantu.”

UMohoto uthe uMogoswane wenze okungaphezu komsebenzi wakhe njengoba ubemela othisha ezigcawini zokuqondiswa kwezigwegwe eMnyangweni wezabaSebenzi nasemahhovisi ezifunda.

“Lezi zigebengu zibulale owesilisa obengumholi nomfowethu kwabaningi bethu. Baphuce lo mphakathi umuntu obeyigugu kubo,” kusho uMohoto.

“Sinxusa abomthetho ukuthi bathungathe abenzi bobubi ukuze baphendule ngaleli cala elibi.”

UFraser Komane we-Universal Association of School Governing Bodies uthe uMogoswane ubebasiza ukungena esikoleni uma benqatshelwa ukungena.

“Ubephuma emsebenzini ayolalela izikhalazo zethu sonke,” usho kanje.

UMogoswane waqala imfundo yakhe emabangeni aphansi eThulani wadlulela emabangeni aphezulu ePhulong eSprings, eKurhuleni. Uqhubekisele phambili izifundo zakhe eKurhuleni East College wathola neSitifiketi seBusiness Management, Auditing and Commercial Law.

Ngo-2000 usebenze njengomsizi wabafundi eVista University ngaphambi kokudlulela esikoleni samabanga aphezulu e-Unity ngo-2003 kanti ushone ngesonto eledlule.

UMogoswane ushiye umkakhe, uDineo Mogoswane amadodakazi amane – uTshegofatso, uPalesa, uNaledi noKgotso nendodana uTiro.

Inkonzo yomngcwabo wakhe ingoMgqibelo ngomhlaka-13 kuMbasa esigodini saseMarulaneng, eJane Furse, eLimpopo.

Osesithombeni esingenhla: uSeraka Counsil Mogoswane.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva