Kukhala isicathulo sikaRamaphosa ku-ANC

Lungani Zungu

Umengameli we-ANC uCyril Ramaphosa usevele okokuqala ezinyangeni njengomholi we-ANC ngokugcwele.

Amaqembu angaphakathi alwela ukulawula i-ANC enza sengathi uRamaphosa ungumuntu okulula ukumthonya nokuthi angasebenza ihlandla elilodwa kuphela esikhundleni.

Kodwa kuleli sonto, uRamaphosa ube nesbindi sokuqala uhlelo lwakhe olunzima lokusindisa iqembu ezandleni zabaholi abakhohlakele, ngokunikeza uNobhala-Jikelele weqembu u-Ace Magashule izinsuku ezingama-30 ukuthi ehle esikhundleni sakhe.

Ngesikhathi evala umhlangano we-NEC ngoMsombuluko, uRamaphosa uxwayise amalungu athintekayo kule nqubomgomo, okubalwa noMagashule, ukuthi angadeleli.

Ubatshele ukuthi mabahloniphe izinqumo ezithathwe yi-NEC.

“Lezi zinsuku ezingama-30 zizosetshenziselwa ukuqaliswa kwesinqumo ngokuhambisana nemikhombandlela, futhi akusikhona ukuthi kubuyekezwe isinqumo,” kusho uRamaphosa.

“Akusekho ukubuyela emuva manje.”

UMagashule ubhekene namacala okukhwabanisa nenkohlakalo aphathelene nethenda yezigidi ezingama-R255 eyakhishwa ngesikhathi esenguNdunankulu wase-Free State.

Ungaphandle ngebheyili yezi-R200,000. Kanti uzophinde avele enkantolo mhla zi-11 kuNcwaba.

Abakwa-Scrolla.Africa bayaqonda ukuthi inqubomgomo yokubekwa kwamulungu eqembu eceleni idale izinxushunxushwini emhlanganweni.

Abalingani bakaMagashule, beholwa nguTony Yengeni bebephikisana nenqubomgomo.

Abanye, abanjengo-Enoch Godongwane, bavumelana nayo inqubomgomo.

UMagashule odelelayo uthe amagatsha kuphela anamandla okumsusa.

“Ngizolwa kuze kube sekugcineni,” etshela abakwa-Scrolla.Africa izolo.

UMagashule uthe iKhomishini yoBumbano akufanele isetshenziselwe ukulungisa amaphuzu ezombusazwe.

Isikhathi seminyaka emihlanu sikaMagashule siphela ngonyaka ozayo uma iqembu seliba nengqungquthela yalo yokukhetha ubuholi.

URamaphosa uphinde waqhelelanisa iqembu mayelana nokuhlasela okungapheli kwezomthetho kukaJacob Zuma.

UZuma uphikisana nomyalelo weNkantolo yoMthethosisekelo, emyalela ukuthi avele phambi kwekhomishini kaZondo.

Izihloko zakamuva