Kukhala ibhungezi erenki yamatekisi naseziteshini zezitimela 

Lubhalwe nguKarabo Rammutla

Abekho abagibeli erenki yamatekisi yase-Denneboom eMamelodi ejwayele ukuba matasa ngoMsombuluko.

Le irenki enkulu yaseMamelodi futhi iseduze kwesiteshi sesitimela i-Denneboom.

Kodwa namuhla osomatekisi badlala amakhadi, abanye badla amagwinya kanti abanye balele ngaphakathi ematekisini abo.

Lokhu kubukeka kwenzeka ezweni lonke, kusukela erenki yase-Bosman ePitoli kuya erenki yasemgwaqeni wase-Bree eGoli. Lolu usuku oluhamba kancane kubashayeli bamatekisi.

Ngesonto eledlule i-South African National Taxi Council (SANTACO) imemezele ukuthi amatekisi azosebenza ngendlela ejwayelekile nokuthi angeke babambe iqhaza embhikishweni kazwelonke.

Kodwa namuhla abashayeli bamatekisi bafisa sengathi ngabe bahlala emakhaya.

Umshayeli wetekisi, uSonnyboy Mabena, utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ufike erenki ngehora lesine ekuseni kungekho ngisho noyedwa umgibeli.

“Lolu usuku olujwayelekile nokuyilapho beqala khona ukungena abagibeli, kodwa namuhla kufike abagibeli abambalwa ngemuva kwehora lesithupha ekuseni.”

Uthe abashayeli bamoshe isikhathi ngokuvuka. 

“Kufana nokuthi sivukele amahhala ngoba bengingalala embhedeni wami ngokukhululeka, manje sekumele sizwele abagibeli abambalwa sibayise lapho beya khona ngamatekisi angagcwele.”

Othengisa erenki uGirly Sibanda uthe namhlanje uzolahlekelwa kakhulu. 

“Ngehora lesithupha ekuseni ngijwayele ukube sengidayise ibhakede lamagwinya elingu-20L, kanti manje ihora lesishiyagalolunye  angikadayisi nohhafu walo.”

Isithombe esingenhla: Irenki yamatekisi kanye neziteshi zesitimela ezingenalutho njengoba abagibeli abaningi bebengekho

Umthombo wesithombe: UKarabo Rammutla

Izihloko zakamuva