Kujikiswe amakhasimende akwaShoprite ngesikhathi kuqhubeka umbhikisho wendawo

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Inhlangano yezokuphepha nokuhlanzeka yaseKhayelitsha ithi uShoprite uyenqaba ukuhlangabezana nabo ngemuva kweminyaka emithathu yezicelo.

Bafuna osomabhizinisi abancane baseKhayelitsha bafakwe kumathenda onogada nawokuhlanza.

Abathengi baseShoprite eKhayelitsha Mall bajikiswe amalungu omphakathi abedinwe egane unwabu athe sekuphele iminyaka isitolo esikhulu singabanaki.

IKhayelitsha Security and Cleaning Organisation ifike enxanxatheleni yezitolo ngo-7 ekuseni ngoLwesine yaqala ukuvimba amakhasimende ukuthi angangeni.

IPhini likaSihlalo uNokhwezi Makhaluza uthe sekuphele iminyaka emithathu leli qembu lizama ukuthola umhlangano noShoprite, kodwa balokhu bengabanaki.

“Senze konke. Lesi yisinyathelo sethu sokugcina,” kusho yena.

Bafuna kubhekwe osomabhizinisi abancane bendawo uma abakwaShoprite bekhipha amathenda okuhlanza nokuvikela.

UMakhathiza uthe abafuni ukuthi kuqashwe bonke abasebenzi baseKhayelitsha. “Uma inkampani idinga abantu abangu-10, sifuna okungenani abahlanu baphume kosomabhizinisi abancane bendawo,” kusho yena.

Leli qembu lithi uShoprite uhlomula emphakathini waseKhayelitsha kodwa awubuyiseli lutho kuwo.

Emini akuphumanga muntu wakwaShoprite ezokhuluma nabo.

“Bheka isikhathi,” kusho uMakhaluza. “Besilapha kusukela ekuseni. Akekho oke wazihlupha ngokuza azokhuluma nathi. Sizoqhubeka nokuvimba amakhasimende.”

Abanye abathengi basekele umbhikisho. UNomsindisi Gwade (40) uthe: “Izitolo ezinkulu zasemalokishini kumele zisebenzisane nabantu baselokishini, babuyisele emphakathini.

UShoprite ucelwe ukuthi aphawule, impendulo yabo izongezwa uma isitholakele.

Esithombeni esingenhla: Amalungu e-Khayelitsha Security and Cleaning Organisation ajikise amakhasimende akwaShoprite. Bafuna isitolo esikhulu sibe nomhlangano nabo.

Umthombo wesithombe: UBuziwe Nocuze

Izihloko zakamuva