Kuhoxiswe owamahhashi ngenxa yezikhukhula

Celani Sikhakhane

Izimvula ezinamandla KwaZulu-Natal ziphoqe ukuthi abahleli   bahoxise umjaho wamahhashi obaluleke kakhulu ekhalendeni lePhasika kumphakathi wasemakhaya eBergville.

Izithameli kuphoqeleke ukuthi zihambe ngemuva kokuthi ojokhi behluleke ukuwela umfula i-Bhalekisi baye endaweni obekuzodlalwa kuyona ngeSonto.

Ukugibela amahhashi kuyingxenye enkulu yokuzijabulisa ngePhasika futhi abantu abaningi base-Bergville basuke bekulindele ngabomvu njengoba benezinto ezimbalwa ezenzeka endaweni.

UMnu Mphumzeni Dlodlo oyilungu eliqavile leqembu labagibeli bamahhashi lomphakathi uthe baphoxeke kakhulu ngokuthi abakwazanga ukuba nalo mqhudelwano ngenxa yezikhukhula.

“Lona wumqhudelwano wethu wokuzijabulisa esiwenza njalo ngeSonto lePhasika. Usisiza ukuhlanganyela ndawonye njengomphakathi sizijabulise. Lo mjaho uphinde unikeze izingane zethu ithuba lokufunda ukugibela amahhashi,” kusho uDlodlo.

Sekuphele iminyaka ababamba iqhaza kulo mqhudelwano bewina futhi beklonyeliswa ngezimbuzi kodwa kulokhu uDlodlo uthe banesamba sika-R5 000 esinikelwe ikhansela lesigceme sabo, uMnu Zamdela Khumalo.

IKhansela uKhumalo uthe bekudumaza kakhulu ukubona ababambe iqhaza bebuyela emuva.

“Isimo besingesihle futhi nomfula ubugcwele ngendlela eyingozi. Asazi ukuthi umqhudelwano olandelayo uzokwenziwa nini njengoba kudingeke ukuthi lona uhoxiswe,” kusho uKhumalo.

I-Bergville iphakathi kwezindawo zaseKZN ezikhahlamezwe yizimvula ezinamandla.

Indawo evulekile ezungeze i-Bergville, ewela imithombo eminingi yamanzi okuhlanganisa nomfula uThukela, isindise idolobha ezikhukhuleni ezinamandla.

Omakhelwane babo eMnambithi ababanga nayo inhlanhla; idolobha lingcwatshwa ngaphansi kwamanzi.

Izikhukhula ezenzeke ngaphambi kwempelasonto yePhasika zicekele phansi amadolobha amaningi nengqalasizinda.

Umgwaqo u-N2 osuka e-Port Shepstone uya eThekwini kubikwa ukuthi ubhidlikile futhi abasebenzisi bomgwaqo bayalulekwa ukuthi bathole eminye imizila.

Scrolla World Cup Quiz