Kuhoxiswe ithimba elixhumana nabezindaba kuMasipala waseKurhuleni ngezinsolo zokuputshuza izimfihlo 

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

IDolobha laseKurhuleni linikeze amalungu ayisishiyagalombili ethimba labezindaba le-EMPD izindima ezintsha emzamweni yokunqanda ulwazi ukuba lungaweli ezandleni ezingalungile. 

Imibiko iveza ukuthi lesi sinqumo sithathwe yisikhulu esiphezulu ebesisola ukuthi amaphoyisa abecobelelana ngolwazi oluyimfihlo. 

Ngonyaka odlule, umqondisi we-EMPD wezinsiza ezikhethekile uJulius Mkhwanazi wabandakanyeka ehlazweni lamalambu aluhlaza waphinde wasolwa ngokucela izikhulu zesifazane ukuba zizimatanise naye ngokocansi ukuze zikhushulelwe ezikhundleni.

UMkhwanazi wamiswa ngoNhlolanja nyakenye, uphenyo lwathola ubufakazi bokusetshenziswa budedengu kwamandla nokungathembeki. Nokho ubuyele emsebenzini ngoMfumfu esekhushulelwe esikhundleni sokuba yiphini lomphathi wamaphoyisa.

U-MMC wezokuPhepha koMphakathi, uMnuz Sizakele Masuku, utshele umkhandlu ukuthi izinsolo ezibhekiswe kuMkhwanazi sezithunyelwe enkampanini ehlola amacala. Balinde imiphumela.

Okuthunyelelwe njengophenyo yizinsolo zokuthi uMkhwanazi wakhiphela abangani bakhe amalambu aluhlaza nokwenza izivumelwano ezingabazekayo esebenzisa imniningwane yomkhandlu. Umthombo osemnyangweni utshele i-Scrolla.Africa ukuthi la maphoyisa awazange anikezwe incazelo ngeqhaza lawo elisha.

“Savuka ekuseni satshelwa ukuthi asiyeke ukukhuluma nabezindaba. Okhulumela umasipala uZweli Dlamini ubekwe esikhundleni okwesikhashana. Sitshelwe ukuthi asisebenze kweminye iminyango bese sibuyela emgwaqeni silwe nobugebengu, sanganikwa ngisho nethuba lokubuza,” kusho umthombo. 

UDlamini ukuchithile ukuthi lesi sinqumo simayelana nepolitiki, wathi bekuwushintsho nje kwezokuphatha.

“Othi ithimba labezindaba lihlakaziwe akaveze ubufakazi balesi sinqumo. La maphoyisa aqeqeshelwe ukulwa nobugebengu futhi azojutshwa ngendlela efanele nangokwesidingo. Njengamanje sibuyekeza ukusebenza komnyango ukuze sithole izindawo okumele zilungiswe,” kusho uDlamini.

Esithombeni ngenhla: Isikhulu se-EMPD.

Umthombo: Uthunyelwe 

Izihloko zakamuva