Kuhoxiswe amalayisensi abesibhakela

Linda Ximba

I-Boxing South Africa (BSA) ihoxise amalayisensi kaphromotha uTshele Kometsi nemenenja uMichael Sediane ngokushaya umshayisibhakela eringini.

UKometsi uyisikhulu se-TK Boxing Promotions aphinde abe ngusihlalo we-Gauteng Boxing Promoters Association.

USediane, owayengumshayisibhakela okhokhelwayo, ungumphathi wedlanzana labashayisibhakela abakhokhelwayo eGoli.

I-BSA ikhiphe isitatimende esicaphuna ibamba loMphathi uNsikayezwe Sithole ethi “i-Boxing SA imemezela ukumiswa kwamalayisensi alaba abalandelayo: uMnu Michael Sediane kanye noMnu Tshele Kometsi.

“UMnu Kometsi usevele phambi kwekomiti eliqondisa izigwegwe le-Boxing SA kanti ukulalelwa kwecala lakhe kuzoqhubeka ekupheleni kwale nyanga. UMnu Sediane, esigamekweni esibonakale bukhoma kumabonakude, ushaye umshayisibhakela kanti uzovela phambi kwekomiti eliqondisa izigwegwe le-Boxing SA ngokuhamba kwesikhathi.”

USithole uthe ukuvela kukaKometsi ngaphambi kwekomiti lokuqondisa izigwegwe kusukela enkulumweni yakhe nabezindaba ngasekupheleni konyaka odlule.

Lo promotha ophumele obala wagxeka ibhodi le-BSA wathi lithatha uhlangothi nokuthi lihlukanisa opromotha ngokuhlehlisa eminye imiqhudelwano nokungasekeli eminye.

“Kuyacaca ukuthi ibhodi lihlukanisa ophromotha kuleli ngoba abanye babonakala bebalulekile kunabanye. Mina, Tshele Kometsi, ngangikweleta i-Boxing SA u-R15,000 ngase ngitshelwa ukuthi ngeke ngikwazi ukusingatha umqhudelwano ngingakasikhokhi ngokugcwele isikweletu sami.

“Kwenzeke okufanayo ezinkampanini zokupromotha i-Rumble Africa, i-TLB kanye ne-Dream Team. I-BSA ayikwazanga ukugunyaza imiqhudelwano yabo ngoba bebekweleta imali.”

Isitatimende se-BSA siqhube ngokuthi ukumiswa kwabo kuyimizamo yokuthuthukisa ubuqotho balo mdlalo.

“I-Boxing SA ithanda ukuncoma abanamalayisensi abenza konke okusemandleni abo ukuthuthukisa isithunzi salo mdlalo.

“Iphinde yeluleka ngokuthi labo abanamalayisensi ngesizathu esithile abangafuni ukuhambisana nokuba yisibonelo kwabanye, bazozithola sebebhekene nokuqondiswa izigwegwe.”

Izihloko zakamuva