Kuhoxe isikhulu sesibhedlela ngenxa yombhikisho

Lubhalwe nguKarabo Rammutla

Isikhulu sesibhedlela i-Kalafong ePitoli, uDkt Sello Matjila sihoxile esikhundleni ngemuva kokuthi abasebenzi bevale umnyango wesibhedlela ngesonto eledlule bekhala ngezimo abasebenza ngaphansi kwazo.

UMatjila usivumile isicelo sababhikishi sokuthi angalubeki emsebenzini ngoMsombuluko. UMnyango wezempilo  e-Gauteng umnike isikhathi sekhefu.

Esikhundleni sakhe, umnyango uqoke uDkt Lebohang Mpshe njengebamba lesikhulu sesibhedlela  i-Kalafong e-Atteridgeville entshonalanga yeTshwane.

NgoLwesithathu, abasebenzi  basesibhedlela benze ulayini phambi komnyango wesibhedlela ovimba abantu ukuthi bangene ngaphakathi.

Bavimbe izintatheli ukuthi zithathe izithombe, bakhahlela nezinqola ezithwele ukudla kweziguli baphinde baphoqa nabasebenzi abebengabhikishi ukuthi bahlanganyele kanye nabo.

Laba basebenzi basola uMatjila ngobubhoklolo, ukuchema kanye nokuthi ubenza izigqila.

Okhulumela uMnyango wezeMpilo, uLesemang Matuka uthe bazoqoka umphenyi ozimele ozophenya ngezinsolo zabasebenzi basesibhedlela.

UMatuka uxolisile ezigulini ezithintekile ngenxa yesiteleka.

“Nakuba silivuma ilungelo labasebenzi lokubhikisha, kodwa siyabakhuthaza ukuthi bakwenze lokho ngokulandela umthetho futhi bangaphazamisi ukuhlinzekwa kwezidingo zezempilo kubantu ababuthaka emphakathini,” usho kanje.

Iziguli zigcine zingakutholanga ukudla ngenxa yombhikisho kanti neziguli ezingahlali esibhedlela zigcine ziphuthwe isikhathi ebezibekelwe sona esibhedlela.

Omunye wabasebenzi ongathandanga ukudalulwa igama lakhe ukhulume nabezindaba i-Scrolla.Africa wathi bayasamukela isinqumo sokuthi ahlaliswe ekhaya umphathi wesibhedlela.

“Uphenyo luzokuqinisekisa lokhu esikushoyo. Leya ndawo ibiyisihogo ngaphansi kukaDkt Matjila,” esho. “Sithemba ukuthi ngeke abuye ngoba uma engase abuyiswe sizophinde sibhikishe.”

Osesithombeni esingenhla: UDkt Sello Matjila Isikhulu esiphezulu sesibhedlela i-Kalafong

 Umthombo wesithombe: @kalafonghospital

Izihloko zakamuva