
Zukile Majova
Amandla omfundisi wase-Mount Ayliff uVi Phakade enze imantshi kanye nomshushisi wombuso eNkantolo yalesiFunda bacele ukuhoxiswa ekulaleleni isicelo sakhe sebheyili.
Umsunguli webandla elidumile labasindisiwe i-Church God’s Power Family Church – ubekwe icala lokudlwengula intombazanyana efunda isikole eneminyaka engu-16 ubudala.
Izikhungo ezehlukene, okuhlanganisa iminyango kahulumeni nezinhlaka zomphakathi, bezivame ukuqasha umfundisi njengoMphathi wemicimbi yabo okuyilapho nabezindaba bendawo bezuza ngokukhangisa ngezikhala ebandleni lakhe.
UPhakade uphinde abe ilungu lomphakathi elihlonishwayo elizihlanganisa nosomabhizinisi kanye nosopolitiki abaphezulu e-Alfred Nzo Region.
Yilokho okwenze kwaba nzima kwabanye abahlonishwayo emphakathini ukuthi baphumele obala bagxeke izenzo zomfundisi.
Encwadini efungelwe ethunyelwe eNkantolo, umfundi waseZanokhanyo Primary School uthe uPhakade wamkhohlisa wamfaka emotweni yakhe.
Ngesikhathi esemotweni, umfundisi ohlonishwayo wasuka ngesivinini waya esikhotheni lapho kuthiwa wafika wamdlwengula ephindelela.
Ukuze isicelo sebheyili siqhubeke ngoLwesine, iMantshi kanye nomshushisi weNkantolo yeMantshi yaseNtabankulu kudingeke ukuthi bathathe izinyathelo.
Esicelweni sakhe sebheyili, umfundisi uthe udinga ukuhlale ebonana noDokotela wakhe ngoba unesifo sikashukela.
Uthe ungumuntu ohloniphekile, uyaqala ngqa ukuphula umthetho futhi abukho ubufakazi obumhlanganisa naleli cala.
UPhakade ufake esinye isicelo kuleli cala, wathi uyena yedwa owondlayo ekhaya futhi nguyena osayinile ekomidini lebandla lakhe.
Ummeli kaPhakade uNqaba Nomvethe utshele iNkantolo ukuthi uPhakade uneminye imizi eNtabankulu.
Nase-Libode lapho ebezophepha khona umphakathi wase-Sugarbush unukelwa igazi lakhe.
Okhulumela umndeni uMfundisi Hlongwana wesifunda sase-Mount Frere e-Methodist Church Of Southern African uthe umphakathi ukhathazekile ngokuthi indoda enamandla njengoPhakade ngeke ishushiswe iziNkantolo zendawo.
“Isinqumo sikaMantshi nomshushisi sokuhoxa kwenze umphakathi wasola ukuthi khona okushaya amanzi lapha.
“Amanye amantombazanyana avulela uPhakade amacala ocansi emasontweni ambalwa edlule azobizwa futhi kulokhu azobe aseletha izincwadi ezifungelwe.
“Kodwa noma sesihoxile kuleli cala, sisamile nomphakathi futhi ngicela umphakathi wethembe uhlelo lwezobulungiswa.”
Isicelo sebheyili sihlehliselwe uMsombuluko umhlaka-24 kuMasingana.