Lubhalwe nguDylan Bettencourt
Eqenjini lase-Brazil ukudansa akwenzelwa nje ukubungaza ukushaya amagoli – kodwa uthando lomdanso yisona sizathu esenza ukuthi bashaye amagoli.
Kudala ngo-1982 umdlali wasemuva uJunior washaya igoli bebhekene ne-Argentina futhi waqala ukudansa phambi kwesixuku esasijabulile – kusukela lapho ukudansa kube yingxenye yesiko lebhola leqembu lesizwe lase-Brazil.
Ngeshwa lokhu kubangele ukuhlukana okuthile phakathi kwabalandeli. Abanye bayayithanda abanye bayibiza ngendelelo.
Owayengukaputeni we-Manchester United, uRoy Keane ugqamise ukungenami kwakhe ngemigubho yangoMsombuluko ebusuku ngemuva kokuthi i-Brazil ihlule i-South Korea ngo 4-1.
“Angikuthandi lokhu. Abantu bathi isiko labo kodwa ngicabanga ukuthi kuwukubukela phansi izimbangi zabo. Bashaye amagoli amane futhi bebedansa ngemuva kokushaya igoli ngalinye,” kusho uKeane ngemuva komdlalo womkhumulajezi.
“Anginankinga kangako nomdanso wokuqala. Umdanso olandela ngemuva kwalokho kanye nokubona umqeqeshi edansa kanye nabadlali akulungile. Angijabule ngakho. Angicabangi ukuthi kuhle neze.”
Kodwa-ke, umdlali owaqala konke lokhu uJunior ukholelwa ekutheni imigubho ilandela isiko lase-Brazil ngaphakathi nangaphandle kwenkundla yebhola.
“Ngikholwa ukuthi ngingowokuqala ukwenza umdanso we-samba kwiNdebe yoMhlaba,” kusho uJunior ongumhlaziyi weNdebe yoMhlaba kwi-Globo.
“Kodwa asidansi ngoba sishaye amagoli. Sishaya amagoli ngoba siyadansa. Lokho bekuhlezi kunjalo ngenxa yobudlelwano bomculo nomdanso ebholeni lase-Brazil.”
Ibhola lase-Brazil belilokhu ligqamile. Abadlali abafana noRonaldinho kanye noNeymar badume ngokusebenzisa isitayela sabo somdanso ukuze badlule kubadlali basemuva.
Njengoba abaningi ngisho nonompempe bengawathandi amakhono avame ukusetshenziswa abadlali base-Brazil, kuyisitayela esibenze bawina iNdebe yomhlaba amahlandla amahlanu.
Kodwa naphezu kokugxekwa okuqhubekayo mayelana nesitayela sabo sebhola kanye nemigubho yabo, abadlali be-Brazil bahlezi bethembekile kulokho abayikho.
Uma befuna ukuthola igoli uma sebebhekene ne-Croatia kuma-quarter-final ngoLwesihlanu, kuzomele abalandeli belindele umdanso omuhle weqembu.
Esithombeni esingenhla: Iqembu lesizwe lase-Brazil
Umthombo wesithombe: @FifaWorldCup