Kuhlukene imibono ngomculo  wama-piano

Lubhalwe ngu-Idoko Sailhu

Abaculi base-Nigeria abangabadidiyeli bamarekhodi bamukele uhlobo lomculo ama-piano – kodwa  omunye umthandi womculo uthi uhlobo olwasabalala ezindaweni zokungcebeleka emhlabeni wonke ngo-2022 seluphelelwa ushatini.

Ekuqaleni kwakuyisitayela sakuleli somculo we-house, kwaba ama-piano ayinhlanganisela enhle yomculo we-deep house, i-jazz nowe-lounge, ohlukaniswa ngomculo wawo we-percussive ohlukile, owaziwa nangokuthi i-log drums.

Abaculi abadumile bakuleli abafana noDJ Maphorisa kanye noMRS Souls baluphakamise kakhulu lolu hlobo lomculo, olususelwa kwi-kwaito, futhi lwabhebhetheka njengomlilo e-Nigeria ngesikhathi sobhubhane lwe-Covid ngo-2020.

Wonke umculi omusha uvele nohlobo olusha lwe-log drums – futhi ama-piano abe uhlobo oluphumelela kakhulu kwezentengiso.

Ngo-2020  kwakhishwa izingoma zikaKabza De Small ethi “Sponono” kanye nethi-“Need You Tonight”, kwathi ngo-2021 bazibonela uxhaxha lwezingoma zama-piano, okuhlanganisa nengoma kaFocalistic ayicula ngokuhlanganyela noDavido, enesihloko esithi-“Ke Star”, okuyi-remix yengoma yakhe eshisa izikhotha yango-2020.

Ngo-2022 abaculi abafana no-Asake, uBurna Boy, uZinoleesky, uCkay, uYoung Jonn, uMohBad, u-Omah Lay kanye noZlatan ukubala abambalwa bangena kulolu hlobo lomculo.

Njengoba abantu base-Nigeria babephethe umculo we-azonto wase-Ghana ngosuku lwayo, bathatha ama-piano ngempumelelo. Ngenxa yezinkundla zokuxhumana ezifana ne-Instagram, uTwitter kanye ne-TikTok abantu baqala ukuthola izitayela zokudansa ezihambisana nengoma.

Ngesikhathi lolu hlobo lomculo lithola ukwamukelwa, kwaholela ekuveleni (futhi kwezinye izimo, ukuphakama kokugqama) kwabakhiqizi abasha abanekhono njengoP.Priime, uNiphkeys, u-Ozedikus, uRexxie kanye noWillis phakathi kwabanye.

UZinoleesky waba ngogqame kakhulu kulolu hlobo. Lokhu ukwenze ngokukhipha ingoma yakhe eshisa izikhotha enesihloko esithi-“Kilofeshe.” Wephula amakhodi kwacishe kwaba nzima kuye ukuthi enze ingoma ngaphandle kokufaka ama-piano kuyo.

Kodwa izintatheli zezokungcebeleka zinemibono eyahlukene yokuthi ingabe ama-piano azohlezi ewuhlobo oluvelele yini ngo-2023.

Oyintatheli yezokungcebeleka u-Ini Arthur uthe: “Usuyaphela. Akulona uhlobo esilwenzile ngakho ngeke sibambelele kulo isikhathi eside.”

Ngokuphambene, uPeter Babayola oyintatheli yezokungcebeleka yase-Nigeria ucabanga ukuthi lolu hlobo luzophila isikhathi eside. Ngokusho kwakhe, “ama-piano asalokhu enamandla okufanele eqhubeke nawo ngo-2023 njengoba abaphethe isibani kulo lonke uhlobo lomculo kuleli nase-Nigeria behlezi bezinikele kulolu hlobo.”

Esekela impikiswano yakhe ekwamukelweni kwayo nokungaguquguquki kwayo unezele wathi: “Ukungaguquguquki kwalolo hlobo ukukhipha ingoma ngemuva kwenye, kanye nokwamukelwa kwazo emhlabeni wonke nokuyinto enikeza umuntu isibindi sokusho ukuthi ama-piano asazoba khona isikhathi eside.”

U-Akoh ongumculi we-A&R usole oDJ base-Nigeria ngokungenzi lutho futhi abalwenzi ucwaningo olwanele. “ODJ base-Nigeria banethezekile, abalwenzi ucwaningo ngemisindo emisha. Futhi ngenxa yokuthi isidingo salo mculosikhona, okuyinto  abangakwazi ukuhlangabezana nayo  kubenza  abantu abanganaki.

“Ngisho noma bengasuka emsindweni ojwayelekile wama-piano esiwaziyo namuhla, bazobuyela kwi-Afro-house yona ngokwayo iwuhlobo oluphansi kakhulu kunama-piano.”

Ngokuvuma amandla ezinkundla zokuxhumana, ikakhulukazi u-TikTok onomthelela emculweni wesizukulwane esisha esiwulalelayo, bonke bayavuma ukuthi ungabumba futhi ulungise kabusha lokho esingakubona ngo-2023.

Esithombeni esingenhla: Zinoleesky

Umthombo wesithombe: @ZinoleeskyWorld

Izihloko zakamuva