Dylan Bettencourt
Miningi imibono ngevidiyo kaKurt Zouma, ekhombisa lo mdlali wasemuva ehlukumeza amakati akhe, kanti nabalandeli bahlukene phakathi njengoba bebuza imibuzo eminingi ngalento ayenzile.
Ividiyo ekhombisa lo mdlali wasemuva we-West Ham ekhahlela amakati akhe ekhishini lakhe futhi ewashaya ngempama ithukuthelise izinhlangano kanye nezinkundla zokuxhumana. Ividiyo ayigcananga nje ngokuthinta uZouma kuphela kodwa izivumelwano ezimbalwa zoxhaso neqembu lakhe lithintekile.
I-Royal Society for the Prevention of Cruelty to Animals (RSPCA) imthathele amakati akhe ngesikhathi iqembu lakhe limhlawulisa imali elinganiselwa ku-R5 million (£250,000) ngalesi sigameko.
Isicelo esisayinwe ngabangaphezu kuka-150,000 sifuna ukuthi lowo owayengumdlali we-Chelsea ashushiswe ngamacala okuhlukumeza izilwane okungenzeka kube iminyaka emihlanu ejele lase-United Kingdom.
Kodwa-ke, ividiyo kazakwabo kaZouma uMichail Antonio, ebuza ukuthi ngabe izenzo zomdlali wase-France zimbi kakhulu kunezobandlululo, yenze izinkundla zokuxhumana zibuze ngezijeziso ezitholwe nguZouma.
“Kunabantu abake bagwetshwa futhi batholwa benokucwasa kodwa balidlalile ibhola ngemuva kwalokho,” kusho u-Antonio etshela abezindaba.
“Bajeziswa, bathola isijeziso sokungadlali emidlalweni eyisishiyagalombili noma okunye okunjalo. Kodwa abantu sebefuna abantu baxoshwe, balahlekelwe yimpilo yabo.”
Abalandeli baqonde ngqo kumbango wobandlululo owawudume kabi phakathi komgadli we-Liverpool wangaleso sikhathi uLuis Suarez kanye nomvikeli we-Manchester United uPatrice Evra.
U-Evra wasola u-Suarez ngokumhlukumeza ngokobuhlanga ngesikhathi bedlala kwi-Premier League ngoZibandlela ngo-2011, lapho umdlali wase-Uruguay atholakala enecala.
Isijeziso asithola sasithambile kakhulu kunolaka uZouma abhekane nalo. USuarez wahlawuliswa imali engu-R820,000 (£40,000) futhi wavinjelwa ukudlala imidlalo eyisishiyagalombili.
USuarez noma i-Liverpool abazange balahlekelwe yizivumelwano zabo zoxhaso futhi abaphindanga babhekana nemiphumela ngesenzo somdlali wabo.
UJohn Terry – omunye umdlali wasemuva osezingeni eliphezulu owatholwa enecala lokuhlukumeza u-Anton Ferdinand ngo-2012 – wahlawuliswa imali engu-£30,000 futhi wavinjelwa ukudlala imidlalo emine.
Sekukaningi abalandeli bengabaza impatho etholwa ngabadlali bebhola abamnyama uma kuqhathaniswa nabamhlophe. Abaningi bakholelwa ukuthi abadlali abamnyama baphathwa ngokungafanele kunabadlali abamhlophe.
UMarcus Rashford, omnyama, wagxekwa ngokuthengela umndeni wakhe izindlu ezinhlanu ezahlukene ekuqaleni kobhubhane lwe-Covid-19.
Ngaleso sikhathi uPhil Foden, omhlophe we-Rashford, wanconywa ngesikhathi ethengela yena nomndeni wakhe izindlu ezinyangeni ezimbalwa kamuva.
Umthombo wesithombe: @SportsIllustrated